Skip to Content

"uphawu"

31 occurrences in ZUL

1 kuThimothewu 4:2

ngokuzenzisa kwabaqamba amanga abashiswe uphawu kunembeza wabo,

1 kwabaseKorinte 9:2

Noma ngingesiye umphostoli kwabanye , nokho kinina nginguye , ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.

IsAmbulo 13:16

Senza futhi ukuba bonke , abancane nabakhulu, nabacebileyo nabampofu, nabakhululekileyo nabayizigqila, bazibeke uphawu esandleni sabo sokunene noma ebunzini labo

IsAmbulo 13:17

ukuba angabikho ongathenga nokuba athengise , uma engenalo uphawu , igama lesilo noma isibalo segama laso.

IsAmbulo 14:11

Nomusi wokuhlushwa kwabo uyenyuka kuze kube phakade naphakade ; abasenakuphumula imini nobusuku abakhuleka kuso isilo nomfanekiso waso nalowo owamukela uphawu lwegama laso.

IsAmbulo 14:9

Yalandela enye ingelosi yesithathu , ithi ngezwi elikhulu : Uma kukhona okhuleka kuso isilo nomfanekiso waso , elwamukela futhi uphawu ebunzini lakhe noma esandleni sakhe,

IsAmbulo 19:20

Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phamb i kwaso , abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso ; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule.

IsAmbulo 20:4

Ngase ngibona izihla lo zobukhosi ; bahlala kuzo , banikwa ukwahlulela ; ngabona nemiphefumulo yababenqunywe amakhanda ngenxa yokufakaza ngoJesu nangenxa yezwi likaNkulunkulu , nalabo abangakhulekanga kuso isilo nomfanekiso waso , nabangamukelanga uphawu lwesilo ebunzini labo nasesandleni sabo ; baphila, babusa kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane.

IsAmbulo 6:12

Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha , kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba , nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,

IsAmbulo 6:3

Nalapho livula uphawu lwesibili, ngezwa isidalwa sesibili sithi: Woza!

IsAmbulo 6:5

Kuthe selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: Woza! Ngase ngibona , bheka, nanto ihhashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe.

IsAmbulo 6:7

Nalapho livula uphawu lwesine, ngezwa izwi lesidalwa sesine sithi: Woza!

IsAmbulo 6:9

Nalapho selivula uphawu lwesihlanu , ngabona phansi kwe -altare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababe nabo.

IsAmbulo 7:3

yathi: Ningoni umhlaba, nolwandle, nemithi, size sizibeke uphawu izinceku zikaNkulunkulu wethu emabunzini azo.

IsAmbulo 7:4

Ngase ngizwa umumo wababekwa uphawu , izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane, ababekwa uphawu ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli:

IsAmbulo 7:5

Esizweni sakwaJuda babekwa uphawu abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaRubeni abayizinkulungwane eziyishumi nambili , esizweni sakwaGadi abayizinkulungwane eziyishumi nambili,

IsAmbulo 8:1

Kuthe ukuba liluvule uphawu lwesikhombisa , kwathi du ezulwini kungathi inxenye yehora.

IsAmbulo 9:4

Kwathiwa kuso masingoni utshani bomhlaba , nanye into e luhlaza, nowodwa umuthi, kuphela labo bantu abangenalo uphawu lukaNkulunkulu emabunzini abo.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:12

Uyinsimu ehluthulelweyo, dadewethu, makoti wami , umthombo ohluthulelweyo nesiphethu esibekwe uphawu.

IzEnzo 28:11

Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase -Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele.

Kwabase-Efesu 1:13

kuye nani esenizwile izwi leqiniso , ivangeli lokusindiswa kwenu , enakholwa nguye futhi , nani nabekwa uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso

Kwabase-Efesu 4:30

Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.

NgokukaJohane 3:33

Owamukele ubufakazi bakhe ulubekile uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile.

NgokukaJohane 6:27

Ningasebenzeli ukudla okuphelayo kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade , eyakunipha khona iNdodana yomuntu , ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu kuyona.

NgokukaMathewu 27:66

Base behamba, baligcina iliba, babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.

UGenesise 4:15

Kepha uJehova wathi kuye : Ngalokho obulala uKayini uyakuphindiselwa kasikhombisa. UJehova wabeka uphawu kuKayini , funa omfumanayo ambulale.

UHezekeli 9:4

UJehova wathi kuyo: Dabula emzini , phakathi kweJerusalema , ubeke uphawu emabunzini abantu ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso ezenziwa phakathi kwalo.

UHezekeli 9:6

nibulale nichithe amaxhegu, nezinsizwa, nezintombi, nezingane, nabesifazane, ningasondeli kodwa kumuntu okukuye uphawu , niqale endlini yami engcwele. Ayeseqala ngamadoda amadala ayephambi kwendlu.

UJobe 31:35

sengathi angaba khona ongizwayo nantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla -- ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!

UJobe 33:16

khona uyavula izindlebe zabantu, abeke uphawu ekufundisweni kwabo,

UJoshuwa 2:12

Ngalokho ake nifunge manje uJehova kimi , njengokuba nginenzele umusa, ukuba nani niyenzele indlu kababa umusa, ningiphe uphawu oluqinisileyo,