Skip to Content

"uqaphele"

16 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:22

Umprofethi wasondela enkosini yakwa -Israyeli, wathi kuyo : Hamba uziqinise, uqaphele, ubone oyakukwenza, ngokuba emva komnyaka inkosi yama-Aramu iyakwenyuka ukulwa nawe.

AmaHubo 45:10

Mawuzwe-ke, ndodakazi, uqaphele, ubeke indlebe yakho, ukhohlwe isizwe sakini nendlu kayihlo,

AmaHubo 5:1

Yizwa amazwi ami, Jehova, uqaphele ukuzindla kwami.

U-Eksodusi 10:28

UFaro wathi kuye : Suka kimi , uqaphele ukuba ungabuboni ubuso bami futhi; ngokuba mhla ubona ubuso bami, uyakufa.

UDuteronomi 17:10

wenze njengezwi lesinqumo abayakukwazisa lona kuleyo ndawo ayakuyikhetha uJehova , uqaphele ukwenza nj engakho konke abakufundisa khona;

UDuteronomi 28:1

Kuyakuthi uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho , uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.

UDuteronomi 28:15

Kuyakuthi uma ungalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukuba uqaphele ukwenza yonke imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla, zonke lezi ziqalekiso zikwehlele, zikufice.

UDuteronomi 5:1

UMose wayesebiza wonke u -Israyeli, wathi kuye : Yizwa, Israyeli, izimiso nezahlulelo engizikhuluma ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde , uqaphele ukuzenza.

UDuteronomi 6:3

Yizwa-ke, Israyeli, uqaphele ukukwenza ukub a kube kuhle kuwe , nande ngamandla, njengalokho uJehova uNkulunkulu wawoyihlo wakuthembisa khona ezweni elivame ubisi nezinyosi.

UHezekeli 44:5

UJehova wathi kimi : Ndodana yomuntu , beka inhl iziyo yakho , ubone ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho konke engikukhuluma kuwe ngazo zonke izimiso zendlu kaJehova nangayo yonke imithetho yayo , uqaphele indawo yendlu yokungena nazo zonke izindawo zokuphuma zendlu engcwele.

UJeremiya 48:19

Yima endleleni , uqaphele wena ohlezi e -Aroweri, ubuze obalekayo nowesifazane ophunyukayo ukuthi: Kwenze njani na?

UJobe 35:5

Bheka ngasezulwini, ubone, uqaphele amafu aphakeme kunawe.

UJoshuwa 1:7

Qina kuph ela, ume isibindi kakhulu , uqaphele ukwenza ngokomthetho wonke akuyala ngawo uMose inceku yami , ungaphambuki kuwo ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ukuba ube nempumelelo nomaphi lapho uya khona.

UJoshuwa 1:8

Le ncwadi yomthetho mayingasuki emlonyeni wakho, kepha wozindla ngayo imini nobusuku ukuba uqaphele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo, ngokuba lapho uyakuhlahlamelisa indlela yakho, uphumelele kahle.

UMika 1:2

Zwanini, bantu bonke , uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho , iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.

URuthe 3:4

Kuyakuthi nxa eselala , uqaphele indawo ayakulala kuyo , ungene, wambule izinyawo zakhe, ulale; uyakukutshela lokhu oyakukwenza.