Skip to Content

"urebeka"

19 occurrences in ZUL

UGenesise 22:23

uBetuweli wazala uRebeka ; laba abayisishiyagalombili uMilka wabazalela uNahori umfowabo ka-Abrahama.

UGenesise 24:15

Kwathi ingakaqedi ukukhuluma , bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka , umkaNahori, umfowabo ka -Abrahama, enembiza yakhe ehlombe.

UGenesise 24:29

URebeka wayenomnewabo ogama lakhe linguLabani ; uLabani wagij imela endle kulowo muntu ngasemthonjeni.

UGenesise 24:45

Ngingakaqedi ukukhuluma enhliziyweni yami , bheka, kweza uRebeka enembiza yakhe ehlombe ; wehlela emthonjeni , wakha; ngathi kuye : Ake ungiphuzise.

UGenesise 24:51

Bheka, uRebeka usebusweni bakho; mthathe, uhambe, abe ngumkandodana yenkosi yakho, njengalokho wakhuluma uJehova.

UGenesise 24:53

Inceku yakhipha izinto zesiliva n ezinto zegolide kanye nezingubo, yazipha uRebeka; yabanika nomnewabo nonina amagugu.

UGenesise 24:58

Bambiza uRebeka , bathi kuye : Uzakuhamba nale ndoda na ? Wathi: Ngizakuhamba.

UGenesise 24:59

Base bemukisa udadewabo uRebeka , nomzanyana wakhe , nenceku ka - Abrahama, namadoda ayo.

UGenesise 24:60

Bambusisa uRebeka , bathi kuye : Dadewethu, yiba wena izinkulungwane zezigidi, inzalo yakho inqobe amasango ezitha zayo.

UGenesise 24:61

URebeka wasuka namantombazana akhe ; bagibela amakamela , balandela indoda; inceku yamthatha uRebeka, yamuka.

UGenesise 24:67

U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara , wamthatha uRebeka , wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.

UGenesise 25:20

u-Isaka wayeneminyaka engamas humi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.

UGenesise 25:21

U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova , ngokuba wayeyinyumba ; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa.

UGenesise 25:28

U-Isaka wamthanda u-Esawu, ngokuba wayedla inyama yenyamazane yakhe; uRebeka wamthanda uJakobe.

UGenesise 27:15

URebeka wayesethatha izingubo ezinhle zika-Esawu indodana yakhe enkulu ezazikuye endlini, wamembathisa zona uJakobe indodana yakhe encane.

UGenesise 27:42

URebeka watshelwa amazwi ka -Esawu indodana yakhe enkulu ; wathuma wambiza uJakobe indodana yakhe encane , wathi kuye: Bheka, umnewenu u- Esawu uyaziduduza ngawe ngokuthi uyakukubulala.

UGenesise 27:46

URebeka wayeseth i ku -Isaka: Ngidiniwe ukuphila ngenxa yamadodakazi kaHeti; uma uJakobe ethatha umfazi kuwo amadodakazi kaHeti onjengalawa, kuwo amadodakazi aleli zwe, kuyakungisiza ngani ukuphila na?

UGenesise 27:5

URebeka wezwa u -Isaka ekhuluma no -Esawu indodana yakhe . U-Esawu waya endle ukuyozingela inyamazane, abuye nayo.

UGenesise 27:6

URebeka wakhuluma kuJakobe indodana yakhe , wathi: Bheka, ngizwe uyihlo ekhuluma no-Esawu umnewenu, ethi: