Skip to Content

"usamsoni"

24 occurrences in ZUL

AbAhluleli 13:24

Owesifazane wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uSamsoni ; umntwana wakhula, uJehova wambusisa.

AbAhluleli 14:1

USamsoni wehlela eT himna; wabona owesifazane eThimna wamadodakazi amaFilisti.

AbAhluleli 14:10

Uyise wehla , waya kulowo wesifazane , uSamsoni wenza idili khona , ngokuba zazenze njalo izinsizwa.

AbAhluleli 14:12

USamsoni wathi kubo: Ake ngininike imfumbe; uma ningitshela yona kahle ngezinsuku eziyisikhombisa zedili , niyiqandele, ngiyakuninika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu;

AbAhluleli 14:3

Uyise nonina base bethi kuye : Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile , na? USamsoni wathi kuyise : Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.

AbAhluleli 14:5

USamsoni wayesehla noyise nonina , baya eThimna , bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lamhlangabeza libhodla.

AbAhluleli 15:1

Kodwa kwathi emva kwesikhathi, ngesikhathi sokuvuna ukolweni, uSamsoni wahambela umkakhe enezinyane lembuzi ; wathi: Ngiyakungena kumkami ekamelweni. Kepha uyise kavumanga ukuba angene.

AbAhluleli 15:10

Abantu bakwaJuda bathi : Nisikhuphukeleleni na ? Bathi: Sikhuphukele ukuba simbophe uSamsoni, senze kuye njengalokho enze kithina.

AbAhluleli 15:12

Base bethi kuye : Sehlele ukuba sikubophe , ukuze sikunikele esandleni samaFilisti. USamsoni wathi kubo : Fungani kimi ukuthi nina aniyikungisukela.

AbAhluleli 15:16

Wathi uSamsoni : Ngomhlathi wembongolo ngibulele inqwaba , yebo, izinqwaba ezimbili, ngomhlathi wembongolo abantu abayinkulungwane.

AbAhluleli 15:3

USamsoni wathi kubo : Okwalesi sikhathi anginacala kumaFilisti , uma ngiwenzela okubi.

AbAhluleli 15:4

USamsoni wahamba, wabamba izimpungushe ezingamakhulu amathathu , wathatha izikhuni , wazibhekisana ngemisila , wafaka isikhuni phakathi kwemisila ngamibili.

AbAhluleli 15:7

USamsoni wathi kubo : Uma nenze njalo , impela ngiyakuphindisela kini , andukuba ngiyeke.

AbAhluleli 15:8

Wababulala ithebe nethanga ngokubulala okukhulu ; wehla, wahlala ofantwini lwedwala lase-Etamu. USamsoni ubulala ngomhlathi wembongolo

AbAhluleli 16:1

USamsoni waya eGaza; wabona lapho isifebe, wangena kuso.

AbAhluleli 16:2

Kwathiwa kumaGaza : USamsoni ufikile lapha . Bamhaqa, bamqamekela ubusuku bonke esangweni lomuzi ; bathula ubusuku bonke , bathi: Makube sekukhanyeni kokusa; khona siyakumbulala.

AbAhluleli 16:23

Amakhosi amaFilisti abuthana ukuba ahlabele uDagoni unkulunkulu wawo umhlatshelo omkhulu, athokoze, ngokuba athi: Unkulunkulu wethu unikele uSamsoni isitha sethu esandleni sethu.

AbAhluleli 16:25

Kwathi lapho izinhliziyo zabo sez esasile, bathi: Mbizeni uSamsoni ukuba asidlalele. Bambiza uSamsoni esetilongweni , wadlala phambi kwabo , bambeka phakathi kwezinsika.

AbAhluleli 16:26

USamsoni wathi kumfana owayembambe ngesandla : Ngivumele ukuphatha izinsika indlu emi ngazo ukuba ngencike kuzo.

AbAhluleli 16:28

USamsoni wakhala kuJehova , wathi: Nkosi Nkulunkulu , ake ungikhumbule, ungiqinise kube kanye kuphela , Nkulunkulu, ukuba ngiphindise kumaFilisti ngempindiselo ibenye ngenxa yamehlo ami omabili.

AbAhluleli 16:29

USamsoni wayesebamba izinsika ezimbili eziphakathi eyayimi ngazo indlu , wencika kuzo, kwenye ngesandla sokunene, kwenye ngesokhohlo.

AbAhluleli 16:3

USamsoni walala kwaze kwaba phakathi kwamabili ; wavuka phakathi kobusuku, wabamba izivalo zesango lomuzi nezinsika zombili , wazincothula kanye nomgoqo , wazibeka emahlombe akhe , wazikhuphulela esiqongweni sentaba ephambi kweHebroni. UDelila

AbAhluleli 16:30

USamsoni wathi: Mangife namaFilisti. Wakhothama ngamandla akhe onke, indlu yawela phezu kwamakhosi naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo . Abafileyo ababulalayo ekufeni kwakhe babebaningi kunabo ababulalayo ekuhambeni kwakhe.

AbAhluleli 16:7

USamsoni wathi kuye : Uma bengibopha ngezinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.