Skip to Content

"usara"

24 occurrences in ZUL

1 kaPetru 3:6

njengalokho uSara wamlalela u -Abrahama embiza ngokuthi inkosi , eningabantwana bakhe , uma nenza okuhle , ningesatshiswa nokukodwa okwesabisayo.

KumaHeberu 11:11

Ngokukholwa naye uSara uqobo wathola amandla okukhulelwa esedlulelwe yisikhathi, ngokuba wathi ukholekile owethembisayo.

KwabaseRoma 9:9

Ngokuba lingelesithembiso l eli zwi lokuthi : Ngalesi sikhathi ngizakufika ; khona uSara uzakuba nendodana.

UGenesise 17:17

U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe , wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na ? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?

UGenesise 17:19

UNkulunkulu wathi : Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana ; uyakubiza igama l ayo ngokuthi u -Isaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.

UGenesise 17:21

Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no -Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.

UGenesise 18:10

Wayesethi: Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi ; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana . USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe.

UGenesise 18:12

USara wahleka phakathi kwakhe , wathi: Lapho sengimdala, nenkosi yami igugile, ngiyakuba nalenjabulo na?

UGenesise 18:13

UJehova wa thi ku -Abrahama: Uhlekeleni uSara , ethi: Imbala ngizakuzala ngimdala na?

UGenesise 18:14

Kukhona into emahlula uJehova na ? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.

UGenesise 18:15

USara waphika wathi : Angihlekanga, ngokuba wesaba. Kepha wathi: Qha, uhlekile. Ukumenyezelwa kokuchithwa kweSodoma nokulikhulekela kuka-Abrahama

UGenesise 18:9

Athi kuye: Uphi uSara umkakho na? Wathi: Nangu etendeni.

UGenesise 20:14

U-Abimeleki wayesethatha izimvu , nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, wazipha u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe.

UGenesise 20:2

U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe : Ungudadewethu. Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.

UGenesise 21:1

UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe ; UJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile.

UGenesise 21:12

UNkulunkulu wathi ku -Abrahama: Akungabi lukhuni emehlweni akho ngenxa yomfana nangenxa yesigqilakazi sakho ; kukho konke uSara akusho kuwe, lalela izwi lakhe, ngokuba inzalo yakho iyakubizwa ngo-Isaka.

UGenesise 21:2

USara wakhulelwa , wamzalela u -Abrahama indodana esemdala kuleyo nkathi uNkulunkulu abeyishilo kuye.

UGenesise 21:6

USara wathi: UNkulunkulu ungenzile ukuba ngihl ekeke; bonke abakuzwayo bayakungihleka.

UGenesise 21:7

Wathi futhi: Ngubani obengasho ku-Abrahama ukuthi uSara ubeyakuncelisa abantwana na? Ngokuba sengimzalele indodana esemdala. O-Ishmayeli noHagari besehlane

UGenesise 21:9

USara wabona indodana kaHagari owaseGibithe ayizalele u -Abrahama idlalisa.

UGenesise 23:19

Emva kwalokho u -Abrahama wammbela uSara umkakhe emhumeni wasensimini yaseMakaphela phambi kweMamre okuyiHebroni ezweni laseKhanani.

UGenesise 23:2

USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani ; u- Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela. U-Abrahama uthenga ithuna

UGenesise 24:36

USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala ; kuyona inikele konke enakho.

UGenesise 24:67

U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara , wamthatha uRebeka , wabangumkakhe; wamthanda; u-Isaka wayeseduduzeka emva kokufa kukanina.