Skip to Content

"usathane"

37 occurrences in ZUL

1 iziKronike 21:1

USathane wema ukulwa no-Israyeli, wavusa uDavide ukuba abale u-Israyeli.

1 kaJohane 3:8

owenza isono ungokaSathane , ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni . INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu , ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.

1 kaPetru 5:8

Qondani, nilinde. Isitha senu , uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya;

1 kwabaseKorinte 7:5

Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka , nibuye nibe ndawonye , ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.

1 kwabaseThesalonika 2:18

Ngakho besithanda ukuza kinina , mina Pawulu ngokwami kanye nakabili , kepha uSathane wasivimbela.

2 kwabaseKorinte 11:14

Akumangalisi, ngokuba uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya.

IsAmbulo 12:12

Ngalokho thokozani nina mazulu nabahlala kuwo ; maye kuwe mhlaba nakuwe lulwandle , ngokuba uSathane wehlele kini enolak a olukhulu , azi ukuthi unesikhathi esifushane!

IsAmbulo 20:7

Nanxa isiphelile iminyaka eyinkulungwane , uSathane uyakukhululwa etilongweni lakhe,

IsAmbulo 2:10

Ungesabi lokho ozakuhlupheka ngakho . Bheka, uSathane uzakuphonsa abanye kini etilongweni ukuba nilingwe , futhi niyakuhlupheka izinsuku eziyishumi. Thembeka kuze kube sekufeni, ngokunika umqhele wokuphila.

IsAmbulo 2:13

Ngiyazi lapho wakhe khona: lapho kukhona isihlalo sobukhosi sikaSathane; nokho ulibambisisile igama lami, kawuphikanga inkolo yami nasemihleni ka- Antipase, ufakazi wami , othembekayo wami , owabulawa phakathi kwenu lapho uSathane wakhe khona.

IzEnzo 5:3

Wayesethi uPetru : Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele , ugodle inxenye yemali yezwe , na?

Kwabase-Efesu 4:27

Ningamniki uSathane indawo.

KwabaseRoma 16:20

Kepha uNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uKristu mawube nani. Isigcino

NgokukaJohane 13:2

Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele,

NgokukaJohane 13:27

Emva kocezu uSathane waye sengena kuye . Wayesethi kuye uJesu : Okwenzayo kwenze masinyane.

NgokukaJohane 8:44

Nina ningabakayihlo uSathane , nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo . Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni , akemi eqinisweni , ngokuba iqiniso lingekho kuye . Nxa ekhuluma amanga , ukhuluma okungokwakhe , lokhu engumqambimanga noyise wawo.

NgokukaLuka 10:18

Wathi kubo: Ngabona uSathane ewa ezulwini njengonyazi.

NgokukaLuka 13:16

Kepha lona , eyindodakazi ka -Abrahama, uSathane abembophile, bhekani, iminyaka eyishumi nesishiyagalombili , bekungafanele yini ukuba akhululwe kuleso sibopho ngosuku lwesabatha na?

NgokukaLuka 22:3

Kepha uSathane wangena kuJuda othiwa u -Iskariyothe engowabayishumi nambili.

NgokukaLuka 22:31

Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni;

NgokukaLuka 4:13

USathane eseqede ukulinga konke wamuka kuye isikhathi. UJesu udelelwa ngabaseNazaretha (Math. 13:53; Mark. 6:1)

NgokukaLuka 4:3

Wayesethi kuye uSathane: Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa.

NgokukaLuka 4:6

USathane wathi k uye: Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo , ngokuba inikwe mina , futhi ngiyinika noma ubani ngokuthanda kwami.

NgokukaLuka 8:12

Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile , bese kufika uSathane , alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe.

NgokukaMarku 3:23

Wayesebabiza, wakhuluma kubo ngemifanekiso, ethi: USathane angakhipha kanjani uSathane na?

NgokukaMarku 4:15

Abangasendleleni yilabo abathi lapho kuhlwanyelwa khona izwi , nanxa sebelizwile, kufike masinyane uSathane, alisuse izwi elihlwanyelwe kubo.

NgokukaMathewu 12:26

Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na?

NgokukaMathewu 25:41

Khona iyakuthi kwabangakwesokhohlo: Dedani kimi nina baqalekisiweyo , niye emlilweni ophakade olungiselwe uSathane nezingelosi zakhe.

NgokukaMathewu 4:11

USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza. UJesu uqala ukusebenza eGalile. Ukubizwa kwabafundi (Mark. 1:14; Luk. 5:1)

NgokukaMathewu 4:5

Khona uSathane wamthatha , wamyisa emzini ongcwele , wammisa esiqongweni sethempeli,

NgokukaMathewu 4:8

USathane wabuye wamyisa entabe ni ende kakhulu , wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo;

UJobe 1:12

Wathi uJehova kuSathane : Bheka, konke anakho kusesandleni sakho ; kuphela kuyena uqobo ungabeki isandla sakho . Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova.

UJobe 1:7

UJehova wayesethi kuSathane : Uvelaphi na ? USathane wamphendula uJehova, wathi: Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo.

UJobe 1:9

USathane wamphendula uJehova , wathi: UJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na?

UJobe 2:2

UJehova wathi kuSathane : Uvelaphi na? USathane wamphendula uJehova , wathi: Ekuzuleni emhlabeni nasekuhambahambeni kuwo.

UJobe 2:4

USathane wamphendula uJehova , wathi: Isikhumba ngesikhumba , yebo, konke umuntu anakho uyakunika ngokuphila kwakhe.

UJobe 2:7

Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova , wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.