Skip to Content

"ushimeyi"

16 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:36

Inkosi yathuma yambiza uShimeyi , yathi kuye: Zakhele indlu eJerusalema, uhlale khona, ungaphumi lapho ukuya ndawo.

1 AmaKhosi 2:38

Wayesethi uShimeyi enkosini : Lelo zwi lilungile ; inceku yakho iyakwenza njengokusho kwenkosi yami, inkosi. UShimeyi wahlala eJerusalema izinsuku eziningi.

1 AmaKhosi 2:39

Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya ku-Akhishi indodana kaMahakha inkosi yaseGati. UShimeyi watshelwa ukuthi: Bheka, izinceku zakho ziseGati.

1 AmaKhosi 2:40

Wayesesuka uShimeyi, wabophela imbongolo yakhe, waya eGati ku-Akhishi ukuba afune izinceku zakhe ; wahamba uShimeyi, wazibuyisa izinceku zakhe eGati.

1 AmaKhosi 2:41

Kwabikelwa uSolomoni ukuthi uShimeyi wayesukile eJerusalema ukuya eGati nokuthi ubuyile.

1 AmaKhosi 2:42

Inkosi yayisithuma yambiza uShimeyi , yathi kuye : Angithi ngikufungisile uJehova, ngaqinisa kuwe ukuthi: Mhla uphuma uye nomaphi, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa, na? Wathi kimi: Izwi engilizwileyo lihle.

1 AmaKhosi 2:8

Bheka, ukhona nawe uShimeyi indodana kaGera wakwaBenjamini waseBahurimi, owangithuka ngokuthuka okwesabekayo mhla ngiya eMahanayimi; kepha wehla ukungihlangabeza ngaseJordani , ngafunga kuye uJehova ngokuthi: Angiyikukubulala ngenkemba.

1 iziKronike 25:17

eyeshumi uShimeyi, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili;

1 iziKronike 27:27

uShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabidi waseShefamu wayephethe iwayini elibekelelweyo lithathwe ezivinini;

1 iziKronike 4:27

UShimeyi wayenamadodana ayishumi nesithupha namadodakazi ayisithupha; kepha abafowabo babengenabantwana abaningi , nomndeni wabo awandanga njengabantwana bakwaJuda.

2 iziKronike 31:12

Base bengenisa iminikelo , nokweshumi, nezinto ezingcwele ngokuthembeka; uKhonaniya, umLevi, waba ngumphathi walokho; uShimeyi umfowabo waba ngowesibili.

2 uSamuweli 16:13

UDavide nabantu bakhe bahamba ngendlela ; uShimeyi wahamba eceleni kwentaba malungana naye , wahamba ethuka , wamphonsa ngamatshe , wamthela ngothuli. OHushayi no-Ahithofeli

2 uSamuweli 16:7

UShimeyi washo kanje ekuthukeni kwakhe , wathi: Suka, suka wena muntu wegazi, muntu omubi!

2 uSamuweli 19:16

UShimeyi indodana kaGera umBenjamini waseBahurimi washesha wehla nabantu bakwaJuda ukuyihlangabeza inkosi.

2 uSamuweli 19:18

Kwawela isikebhe sokuwelisa abendl u yenkosi nokwenza okwakukuhle emehlweni ayo. UShimeyi indodana kaGera wawela phansi phambi kwenkosi isiyakuliwela iJordani.

2 uSamuweli 19:21

Kepha u -Abishayi indodana kaSeruya waphendula wathi: UShimeyi akayikubulawa yini ngalokho , njengokuba wathuka ogcotshiweyo kaJehova , na?