Skip to Content

"usimeyoni"

9 occurrences in ZUL

2 kaPetru 1:1

USimeyoni Petru , inceku nomphostoli kaJesu Kristu , kubo abazuzile ukukholwa okuyigugu ngokufana nokwethu ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu:

AbAhluleli 1:3

UJuda wayesethi kuSimeyoni umfowabo : Khuphuka nami, siye esabelweni sami, silwe namaKhanani , nami ngiye esabelweni sakho . USimeyoni wayesehamba naye.

IzEnzo 15:14

USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe.

NgokukaLuka 2:34

USimeyoni wababusisa, wathi kuMariya unina : Bheka, lo umiselwe ukuwa nokuvuka kwabaningi ku-Israyeli, nesibonakaliso esiphikwayo --

UGenesise 29:33

Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: Lokhu uJehova ezwe ukuthi ngiyazondwa, ungiphile nalena futhi , waqamba igama layo ngokuthi uSimeyoni.

UGenesise 42:24

Wabafulathela, wakhala; wabuye waphendukela kubo , wakhuluma nabo ; wayesemsusa uSimeyoni phakathi kwabo, wambopha phambi kwamehlo abo.

UGenesise 43:23

Yayisithi kubo : Ukuthula makube kinina ; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphe igugu emasakeni enu ; imali yenu ngayithola . Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo.

UHezekeli 48:24

Ngasemkhawulweni wakwaBenjamini, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga , uSimeyoni uyakuba nesabelo.

UJoshuwa 19:1

Inkatho yesibili yadla uSimeyoni , isizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo; ifa labo laliphakathi kwefa labantwana bakwaJuda.