Skip to Content

"usulu"

13 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 19:21

Nanti izwi uJehova alikhulumile ngaye: Ikudelele yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

2 iziKronike 30:10

Izigijimi zazilokhu zidlula emizini ngemizi ezweni lakwa -Efrayimi nelakwaManase kwaze kwaba kwaZebuloni ; kepha bazihleka usulu , baziklolodela.

2 kaPetru 3:3

nazi kuqala lokhu ukuthi nge zinsuku zokugcina kuyakufika abahleki abahleka usulu, behamba ngezinkanuko zabo,

AmaHubo 119:51

Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu , kepha emthethweni wakho angichezuki.

AmaHubo 80:6

Usenza sibe yinto ebangwa ngabakhelwane bethu , nezitha zethu zisihleka usulu.

EkaJuda 1:18

abasho ukuthi ngesikhathi sokugcina kuyakuba khona abahleka usulu , behamba ngezinkanuko zabo zokungamesabi uNkulunkulu.

IzEnzo 17:32

Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo , abanye bahleka usulu , kepha abanye bathi: Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.

NgokukaLuka 8:53

Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile.

NgokukaMarku 5:40

Bamhleka usulu . Kepha yena wabakhipha bonke , wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye , wangena lapho kulele khona umntwana.

NgokukaMathewu 9:24

wathi kubo: Dedani, ngokuba intombazana ayifile , kodwa ilele. Bamhleka usulu.

U-Isaya 37:22

nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi : Ikudelele, yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni ; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

UJobe 34:7

Ngumuphi umuntu onjengoJobe ophuza usulu njengamanzi,

UNehemiya 2:19

Kepha lapho uSanebalati , umHoroni, noThobiya inceku yakwa -Amoni, noGeshemi wase -Arabiya bezwa lokho , basihleka usulu , basidelela, bathi: Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?