"uthanda"
33 occurrences in ZUL
Wathi kuye : Ngokuba ngakhuluma kuNaboti waseJizreyeli , ngathi kuye : Ngiphe isivini sakho ngesiliva ; kepha uma uthanda, ngiyakukunika esinye isivini esikhundleni saso; kodwa wathi: Angiyikukunika isivini sami.
Ngiyazi, Nkulunkulu wami , ukuthi uhlola inhliziyo , uthanda ubuqotho . Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, futhi sengibonile ngokujabula abantu bakho abakhona lapha ukuthi nabo banikele kuwe ngokuthokoza.
Yilowo nalowo okholwa ukuthi uJesu unguKristu uzelwe nguNk ulunkulu, nalowo othanda ozeleyo uthanda naye ozelwe nguye.
Wayesethi umpristi : Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe . Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo. UDavide wathi: Ayikho enjengayo; nginike yona.
Wathi kuye: Ake usho kuye ukuthi: Bheka, usinakekele ngakho konke lokhu kunakekela; ungenzelwa ntoni na ? Uthanda ukukhulunyelwa enkosini noma enduneni yempi na? Wathi: Ngihlezi phakathi kwabantu bakithi.
UJehu, indodana kaHanani umboni , waphuma ukumhlangabeza , wathi enkosini uJehoshafati: Usiza yini ababi , uthanda abamzondayo uJehova na ? Ngalokho intukuthelo iphezu kwakho ivela kuJehova.
Uthanda ukulunga nokwahlulela; umhlaba ugcwele umusa kaJehova.
Ngokuba uJehova uthanda ukulunga , akabashiyi abangcwele bakhe ; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.
Bheka, uthanda iqinis o ngaphakathi enhliziyweni ; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.
Uthanda okubi kunokuhle, namanga kunokukhuluma ukulunga. Sela
Uthanda onke amazwi okubhubhisa wena lulimi lwenkohliso.
Othanda ukulaywa uthanda ukwazi; ozonda ukusolwa uyisiwula.
Umngane uthanda ngezikhathi zonke, nomzalwane uzalwa ekuhluphekeni.
Othanda ukuxabana uthanda isiphambeko ; owenza umnyango wakhe ukuba uphakame ufuna ukubhujiswa.
Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe ; ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Usemusha wawugqoka, uhambe lapho uthanda khona ; kepha nxa usumdala , uyakwelula izandla zakho , omunye akugqokise, akuyise lapho ungathandi khona.
Umoya uphephetha lapha uthanda khona ; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona ; banjalo bonke abazelwe nguMoya.
wathi: Baba, uma uthanda , susa lesi sitsha kimi ; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.
Bathi kuye: Uthanda ukuba sikulungiselephi na?
Kwathi ekomunye wemizi , bheka, nanso indoda egcwele uchoko . Kuthe embona uJesu , wawa ngobuso , wamnxusa wathi : Nkosi, uma uthanda , ungangihlambulula.
Ngenxa yalokho ngithi kuwe : Izono zakhe eziningi zithethelelwe , ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.
Ngosuku lokuqala lwesinkwa esingenamvubelo okwakuhlatshwa ngalo iphasika abafundi bakhe bathi kuye: Uthanda ukuba siye silungiselephi ukuba udle iphasika na?
Wathi: Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe ; ake ususe kimi lesi sitsha , kepha kungabi njengokuba ngithanda mina , kodwa njengokuba uthanda wena.
Kwafika kuye onochoko , wamncenga eguqa ngamadolo , ethi kuye : Uma uthanda, ungangihlambulula.
Wathi kuzo : Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha . Izisebenzi zathi kuye : Uthanda ukuba siye ukulubutha na?
Wathatha uPetru wathi kuJesu : Nkosi, kuhle ukuba silapha . Uma uthanda, ngizakwakha lapha amadokodo amathathu , elinye libe ngelakho , elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.
Wathi kuye : Ungibuzelani ngokuhle na ? Munye ongomuhle . Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo.
UJesu wathi kuye: Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.
Kepha ngosuku lokuqala lwe sinkwa esingenamvubelo abafundi beza kuJesu, bathi: Uthanda ukuba sikulungiselephi ukuba udle iphasika na?
Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha ; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.
Bheka, kwafika onochoko , wakhuleka kuye , wathi: Nkosi, uma uthanda , ungangihlambulula.
ubone phakathi kwabathunjwa owesifazane omuhle onamathela kuye , uthanda ukumthatha abe ngumkakho,
Wathi u -Abimeleki: Bheka, izwe lami lisebusweni bakho ; yakha lapho uthanda khona.