Skip to Content

"uthuli"

31 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 20:10

UBeni Hadadi wayesethumela kuye , wathi: Onkulunkulu mabenze njalo kimi, benezele futhi, uma uthuli lwaseSamariya luyakwanela abantu bonke abasezinyathelweni zami ukuba babe nokhweshe.

2 AmaKhosi 23:12

Ama-altare ayesophahleni lwekamelo eliphezulu lika -Ahazi, elenziwe ngamakhosi akwaJuda, nama-altare enziwe nguManase emagcekeni omabili endlu kaJehova inkosi yawadiliza , yasuka yagijima , yalahla uthuli emfudlaneni iKidroni.

AmaHubo 102:14

Ngokuba izinceku zalo ziyathokoza ngamatshe alo , zihawukele uthuli lwalo.

AmaHubo 30:9

Kukhona nzuzoni egazini lam i nasekushoneni kwami egebeni na ? Uthuli luzakukudumisa yini, lushumayele iqiniso lakho, na?

AmaHubo 72:9

Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo ; izitha zayo zizakukhotha uthuli.

IsAmbulo 18:19

Base bethela uthuli emakhanda abo , badazuluka bekhala , belila bethi : Maye, maye kuwe muzi omkhulu, abacebile kuwe bonke abanemikhumbi elwandle ngenxa yengcebo enqabileyo yakho , ngokuba ngehora linye nje uchithekile!

IsiLilo 2:10

Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; athele uthuli emakhanda awo , abhince indwangu yamasaka . Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.

IzEnzo 13:51

Bona-ke babavuthululela uthuli lwezinyawo zabo, beza e-Ikoniyu.

IzEnzo 22:23

Kwathi besabangalasa, behlubula izingubo, bethuquza uthuli phezulu,

NgokukaLuka 9:5

Bonke abanganamukeliyo, anothi nxa nimuka kulowo muzi , nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, kube ngubufakazi ngabo.

NgokukaMarku 6:11

Nayiphi indawo engayikunamukela , nalapho bengayikunizwa khona , anothi nimuk a kuyo , nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu , kube ngubufakazi kubo.

NgokukaMathewu 10:14

Yilowo nalowo ongayikunamukela engawezwa amazwi enu , anothi niphuma kuleyo ndlu noma kulowo muzi , nivuthulule uthuli ezinyaweni zenu.

U-Eksodusi 8:16

UJehova wayesethi kuMose : Yisho ku -Aroni, uthi: Yelula induku yakho , ushaye uthuli lomhlabathi, lube ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.

U-Eksodusi 8:17

Benze njalo -ke; u-Aroni welula isandla sakhe nenduku yakhe , washaya uthuli lomhlabathi, lwaba ngominyane kubantu nasezinkomeni ; uthuli lonke lomhlabathi lwaba ngominyane ezweni lonke laseGibithe.

U-Isaya 34:9

Imifudlana yakhona iyakuphenduka ikolitayi , uthuli lwakhona lube yisibabule, nezwe langakhona libe yikolitayi elivuthayo.

U-Isaya 40:12

Ngubani olinganise amanzi ngentende yesandla sakhe , walinganisa izulu ngeminwe eyeluliweyo , wahlanganisa uthuli esilinganisweni , walinganisa izintaba ngezikalo namagquma ngezisindo, na?

U-Isaya 49:23

Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho , namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho; bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi , bakhothe uthuli lwezinyawo zakho ; uyakwazi ukuthi nginguJehova , abethemba kimi abayikujabha.

U-Isaya 52:2

Zithintithe uthuli , usukume, uhlale, Jerusalema elithunjiweyo ; zikhulule eziboshweni zentamo yakho wena ndodakazi yaseSiyoni ethunjiweyo.

U-Isaya 65:25

Impisi iyakudla ndawonye newundlu , ingonyama idle utshani njengenkomo, uthuli lube ngukudla kwenyoka ; aziyikulimaza, zingachithi kuyo yonke intaba yami engcwele, usho uJehova.

UDuteronomi 9:21

Ngase ngithatha isono senu , ithole enanilenzile , ngalishisa ngomlilo , ngaligxoba, ngaligayisisa laze laba njengothuli , ngaphonsa uthuli lwalo emfudlaneni owehla entabeni.

UGenesise 13:16

Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba , kuze kuth i, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho.

UGenesise 3:14

UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni : Njengokuba usukwenzile lo kho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho.

UHabakuki 1:10

Yebo, sibhinqa amakhosi, nababusi balusulu kuso ; sihleka zonke izinqab a, sinqwabela uthuli, sizithathe.

UHezekeli 27:30

bezwakalise izwi labo phezu kwakho , bakhale ngomunyu , bathele uthuli emakhanda abo, bahuquzele emlotheni,

UJobe 14:19

amanzi ayagubha amatshe ; ukuphuphuma kwawo kuyakhukhula uthuli lomhlaba; kanjalo uyachitha nethemba lomuntu.

UJobe 38:38

lapho uthuli luphenduka isigaxa, namagabade anamathelane, na?

UJoshuwa 7:6

UJoshuwa waziklebhula izingubo zakhe , wawa n gobuso emhlabathini phambi komphongolo kaJehova kwaze kwahlwa , yena namalunga akwa - Israyeli; bathela uthuli emakhanda abo.

UMika 7:17

Bayakukhotha uthuli njengenyoka , baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathin i ezindaweni zazo ezivalelweyo , bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu, besabe ngenxa yakho.

UNumeri 23:10

Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe , abale okwesine kuka-Israyeli, na? Mangife ukufa kolungileyo, nokuphela kwami makube njengokwakhe.

UNumeri 5:17

umpristi athathe amanzi angcwele esitsheni sebumba , athathe kulo uthuli oluphansi etabernakele, alufake emanzini,

UmShumayeli 12:7

uthuli lubuyele emhlabathini, njengokuba lwalunjalo , umoya ubuyele kuNkulunkulu owawunikayo.