Skip to Content

"uyakubizwa"

7 occurrences in ZUL

IzAga 16:21

Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo , nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.

IzAga 24:8

Ocabanga ukwenza okubi uyakubizwa ngokuthi owenza amacebo.

NgokukaMathewu 2:23

wafika wakha emzini othiwa iNazaretha ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi: Uyakubizwa ngokuthi umNazaretha.

U-Isaya 54:5

Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho , nguJehova Sebawoti igama lakhe; oNgcwele ka -Israyeli unguMhlengi wakho , uyakubizwa ngokuthi uNkulunkulu womhlaba wonke.

U-Isaya 62:2

Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho , namakhosi onke inkazimulo yakho ; uyakubizwa ngegama elisha eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.

U-Isaya 62:4

Awusayikuthiwa Oshiyiweyo , nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo , kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye , nezwe lakini ngokuthi Oganileyo, ngokuba uJehova uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.

UGenesise 2:23

Wayesethi umuntu : Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyam a yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.