Skip to Content

"uyakukhuluma"

12 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 12:10

Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe , zithi: Uyakusho kanje kulaba bantu abakhulume kuwe ngokuthi : U yihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina, uyakukhuluma kanje kubo, uthi: Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa.

1 AmaKhosi 21:19

Uyakukhuluma kuye ngokuthi: Usho kanje uJehova, uthi: Usubulele, wadla isizi na ? Bese wukhuluma kuye ngokuthi : U sho kanje uJehova , uthi: Endaweni lapho izinja zaxhapha khona igazi likaNa boti, izinja ziyakuxhapha negazi lakho, yebo, elakho.

IzAga 8:7

Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso ; ububi buyisinengiso ezindebeni zami.

U-Eksodusi 4:15

Uyakukhuluma ku ye, ufake amazwi emlonyeni wakhe ; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza.

U-Eksodusi 7:2

Wena uyakukhuluma konke engikuyala ngakho ; u-Aroni umfowenu uyakukhuluma kuFaro ukuba abavumele abantwana bakwa -Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.

U-Isaya 28:11

Yebo, ngezindebe ezingingizayo nangolunye ulim i uyakukhuluma kulaba bantu

UHezekeli 24:27

Ngalolo suku umlomo wakho uyakuvulwa kobalekileyo; wena uyakukhuluma, ungabe usaba yisimungulu ; uyakuba yisibonakaliso kubo , bazi ukuthi nginguJehova.

UHezekeli 2:7

Uyakukhuluma amazwi ami kubo , noma bezwa noma benganaki , ngokuba bangabahlubuki.

UJeremiya 13:12

Uyakukhuluma kubo leli zwi lokuthi: Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka- Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini . Bayakusho kuwe ukuthi: Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?

UJeremiya 7:27

Uyakukhuluma onke lawo mazwi kubo , kepha abayikukulalela ; uyakubabiza, kepha abayikukuphendula.

ULevitikusi 24:15

Uyakukhuluma kubantwana bakwa -Israyeli, uthi: Yilowo nalowo oqalekisa uNkulunkulu wakhe uyakuthwala isono sakhe.

UNumeri 18:26

Futhi uyakukhuluma kumaLevi , uthi kuwo : Nxa nithabatha kwabakwa - Israyeli okweshumi engininike khona kuvela kubo, kube yifa lenu , niyakunikela ngomnikelo wokuphakanyiswa kuJehova , okweshumi kokweshumi.