Skip to Content

"uyakukubusisa"

5 occurrences in ZUL

UDuteronomi 15:10

Womnika nokumnika , inhliziyo yakho ingakhathazeki lapho umnika , ngokuba ngenxa yalokho uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa emsebenzini wakho wonke nakukho konke obeka kukho isandla sakho.

UDuteronomi 15:18

Makungabi lukhuni emehlweni akho lapho umyekela ukuba ahambe, ngokuba ukukhonzile iminyaka eyisithupha ngenxenye yemali yomqashwa ; uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kukho konke okwenzayo. Amazibulo ezinkomo

UDuteronomi 15:4

Nokho ngabe kungabikho abampofu kuwe, ngokuba uJehova uyakukubusisa nokukubusisa ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle,

UDuteronomi 15:6

Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa njengokukwethembisa kwakhe, utsheleke izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo; uyakubusa izizwe eziningi, kepha zona aziyikukubusa wena.

UDuteronomi 16:15

Izinsuku eziyisikh ombisa uyakumgcinela uJehova uNkulunkulu wakho umkhosi endaweni uJehova ayakuyikhetha , ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubusisa kuzo zonke izithelo zakho nasemsebenzini wonke wezandla zakho, uthokoze kakhulu.