Skip to Content

"uyakuma"

17 occurrences in ZUL

AmaHubo 102:26

Kuyakubhubha lokhu , kepha uyakuma ; yebo, kuyakuguga konke njengengubo; njengesambatho uyakukuguqula, kuguqulwe.

AmaHubo 109:31

Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofu ukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.

IzAga 22:29

Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.

NgokukaJohane 12:34

Ngakho isixuku samphendula sathi : Sizwile emt hethweni ukuthi uKristu uyakuma phakade ; usho kanjani wena ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa na? Ingubani le Ndodana yomuntu na?

NgokukaLuka 11:18

NoSathane, uma ehlukene yedwa , umbuso wakhe uyakuma kanjani na ? lokhu nithi ngikhipha amademoni ngoBelzebule.

NgokukaMathewu 12:26

Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na?

U-Amose 7:2

Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.

U-Amose 7:5

Ngase ngithi: Nkosi Jehova, mawuyeke; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.

U-Eksodusi 33:21

UJehova wathi: Bheka, nansi indawo kimi; uyakuma edwaleni.

U-Isaya 32:8

Onesizotha uceba okuzothileyo, nangokuzotha kwakhe uyakuma.

UDaniyeli 11:16

Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe , akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.

UDaniyeli 12:13

Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni ; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.

UDuteronomi 24:11

Uyakuma ngaphandle, umuntu omtshelekayo uyakukukhiphela isibambiso phandle.

UJobe 19:25

Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona ; ekupheleni uyakuma othulini.

UJoshuwa 20:4

Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi , angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo.

UMika 5:4

Uyakuma, aluse ngamandla kaJehova nangokuphakama kwegam a likaJehova uNkulunkulu wakhe ; sebeyakuhlala, ngokuba uzakuba mkhul u kuze kube semajukujukwini omhlaba.

UNumeri 27:21

Uyakuma p hambi kuka -Eleyazare umpristi oyakumbuzela ngokunquma kwe-Urimi phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa -Israyeli kanye naye, yebo, yonke inhlangano.