Skip to Content

"uyakwenza"

55 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 26:25

USawule wathi kuDavide: Mawubusiswe wena ndodana yami Davide ; uyakwenza izinto ezinkulu , uphumelele kahle . Wayesehamba uDavide ngendlela yakhe, uSawule wabuyela endaweni yakhe.

2 uSamuweli 20:6

Wayesethi uDavide ku-Abishayi: Manje uSheba indodana kaBikri uyakwenza okubi kakhulu kithi kuno -Abisalomu; thatha wena izinceku zenkosi yakho , umxoshe, funa azitholele imizi ebiyelweyo, asiphunyuke.

KwabaseRoma 2:1

Ngakho awunakuzilandulela wena muntu , noma ungubani owahlulelayo , ngokuba ngalo kho owahlulela ngakho omunye uyazilahla wena , ngokuba wena owahlulelayo uyakwenza khona lokho nawe.

NgokukaJohane 7:31

Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye , bathi: UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?

NgokukaMathewu 18:35

Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini , uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.

U-Eksodusi 25:17

Uyakwenza isihlalo somusa ngegolide elicwengekileyo , ubude baso bube yizingalo ezimbili nenxenye, ububanzi baso bube yingalo nenxenye.

U-Eksodusi 25:18

Uyakwenza amakherubi amabili ngegolide , uwenze ngomsebenzi okhandiweyo ekugcineni kwesihlalo somusa nxazombili,

U-Eksodusi 26:14

Futhi uyakwenza isifulelo setende ngezikhumba ezibomvu zezinqama , nesifulelo sezikhumba zamatahasi ngaphezulu.

U-Eksodusi 26:15

Uyakwenza amapulangwe etabernakele ngomuthi womtholo, amiswe.

U-Eksodusi 26:22

Ohlangothini lwetabernakele olungasemuva ngasentshonalanga uyakwenza amapulangwe ayisithupha.

U-Eksodusi 26:31

Uyakwenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu , nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo , libe namakherubi , kube ngumsebenzi wengcweti,

U-Eksodusi 26:36

Uyakwenza iveli lomnya ngo wasetendeni ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo , umsebenzi womfekethisi.

U-Eksodusi 26:5

Uyakwenza izihibe ezingamashumi ayisihlanu kwesinye isilenge, wenze futhi izihibe ezingamashumi ayisihlanu eceleni lesilenge esisekuhlanganeni kwesibili, ukuze izihibe zibhekane.

U-Eksodusi 27:2

Uyakwenza izimpondo zalo emagumbini alo omane , izimpondo zalo zibe kunye nalo, ulinameke ngethusi.

U-Eksodusi 27:6

Uyakwenza izinti ze-altare, izinti zomuthi womtholo, uzinameke ngethusi.

U-Eksodusi 28:15

Uyakwenza isihlangu sesifuba sokwahlulela, kube ngumsebenzi wengcweti, usenze njengokusetshenzwa kwengubo yamahlombe ngegolide , nangokuluhlaza nan gokububende nangokubomvu , nangelineni el icolekileyo lemicu ephothiweyo.

U-Eksodusi 28:31

Uyakwenza ijazi lengubo yamahlombe ngokuluhlaza lonke,

U-Eksodusi 28:36

Uyakwenza ungcwecwe wegolide elicwengekileyo , uqophe kuye njengokuqoshwa kwendandatho ukuthi: Wahlukaniselwe uJehova .

U-Eksodusi 30:1

Uyakwenza i-altare lokushisa impepho, ulenze ngomuthi womtholo.

U-Eksodusi 30:18

Uyakwenza umcengezi wethusi , nesinqe sawo sethusi , ukuba kugezelwe kuwo, uwubeke phakathi kwetend e lokuhlangana ne -altare, uthele amanzi kuwo.

U-Isaya 26:10

Uma omubi ephiwa umusa , akafundi ukulunga ; ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala, angaboni ukuphakama kukaJehova.

U-Isaya 44:17

Ngokuseleyo kuwo uyakwenza unkulunkulu nesithombe ; uyakhothamela kuso, akhuleke kuso, athandaze kuso, athi: Ngophule; ungunkulunkulu wami.

U-Isaya 55:7

Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova , uyakuba nomusa kuye , yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.

UDaniyeli 11:16

Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe , akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.

UDuteronomi 15:1

Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo uyakwenza uyekelo.

UDuteronomi 17:11

njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona nanjengesahlulelo abayakukutshela sona uyakwenza , ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwahluleleni kwabo.

UDuteronomi 21:9

Kanjalo uyakukhipha igazi elingenacala phakathi kwakho , ngokuba uyakwenza okulungile emehlweni kaJehova. Ngokuganwa ngowesifazane othunjiweyo

UDuteronomi 22:3

Uyakwenza kanjalo nangembongolo yakhe , wenze njalo nangezingubo zakhe, wenze njalo ngazo zonke izinto ezilahlekileyo zomfowenu alahlekelwa yizo, wazithola, uze ungacashi.

UDuteronomi 22:8

Nxa wakha indlu entsha , uyakwenza uthango ophahleni lwakho ukuba ungayehliseli indlu yakho igazi, uma umuntu ewa khona.

UDuteronomi 28:24

UJehova uyakwenza imvula yezwe lakho ibe ngumsizi nothuli ; kuyakwehla ezulwini, kufike phezu kwakho, uze ubhujiswe.

UDuteronomi 28:25

UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezi tha zakho , uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo , ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.

UDuteronomi 28:59

uJehova uyakwenza izifo zakho ukuba zimangalise , kanye nezifo zenzalo yakho, izifo ezinkulu ezihlala isikhathi eside nokugula okubi okuhlala isikhathi eside.

UDuteronomi 28:7

UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye , zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.

UDuteronomi 31:4

UJehova uyakwenza kuz o njengokwenza kwakhe kuSihoni naku -Ogi amakhosi ama-Amori nakulo izwe lakubo ababulalayo.

UDuteronomi 31:7

UMose wambiza uJoshuwa , wathi kuye emehlweni abantu bonke bakwa - Israyeli: Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona ; wena uyakwenza ukuba balidle ifa lalo.

UDuteronomi 3:21

Ngamyala uJoshuwa ngaleso sikhathi, ngathi: Amehlo akho abonile konke uJehova uN kulunkulu wenu akwenzile kulawo makhosi amabili : kanjalo uJehova uyakwenza kuyo yonke imibuso eniyidabulayo.

UDuteronomi 7:19

izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho , nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla , nengalo eyelul iweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho ; uyakwenza kanje uJehova uNkulunkulu wakho kuzo zonke izizwe ozesabayo.

UHezekeli 11:13

Kwathi lapho ngiprofetha , uPhelathiya indodana kaBenaya wafa . Ngase ngiwa ngobuso , ngakhala ngezwi elikhulu , ngathi: O Nkosi Jehova , uyakwenza ukuba iphele insali yakwa-Israyeli na?

UHezekeli 31:11

ngiyakuwunikela esandleni so namandla wezizwe uyakwenza nokwenza kuye njengobubi bawo ngiwuxoshe.

UJeremiya 28:13

Hamba usho kuHananiya , uthi: U sho kanje uJehova , uthi: Uwaphulile amajoka omuthi, kepha uyakwenza amajoka ensimbi esikhundleni sawo.

UJobe 23:13

Kodwa uyinto inye , ngubani ongambuyisa na ? Okufisayo umphefumulo wakhe, lokho uyakwenza.

UJobe 33:29

Bhekani, konke lokhu uNkulunkulu uyakwenza kabili, yebo, kathathu kumuntu

UJobe 41:3

Uyakwenza imikhuleko eminingi kuwe , akhulume kuwe amazwi athambileyo, na?

UJobe 41:4

Uyakwenza isivumelwano naw e ukuba umthathe abe yinceku kuze kube phakade na?

UJoshuwa 10:25

UJoshuwa wathi kuzo : Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo.

UJoshuwa 1:6

Qina, ume isibindi , ngokuba uyakwenza ukuba laba bantu badle izwe engalifungela oyise ukubanika lona.

UJoshuwa 3:5

UJoshuwa wathi kubantu : Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.

UJoshuwa 8:2

uyakwenza kulo i-Ayi nenkosi yalo njengalokho wenza kulo iJeriko nenkosi yalo; impango yalo kuphela nezinkomo zalo niyakuziphangela khona . Wuqamekele umuzi emva kwawo.

ULevitikusi 16:32

Umpristi oyakugcotshwa ahlukaniselwe abe ngumpristi esikhundleni sikayise uyakwenza ukubuyisana , afake izambatho zelineni , izambatho ezingcwele,

ULevitikusi 16:8

U-Aroni uyakwenza inkatho ngezimpongo zombili , enye inkatho ibe ngekaJehova, enye inkatho ibe ngeka-Azazeli.

UNumeri 15:14

Uma umfokazi egogobele kuwe , noma ubani ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu eyakunikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova, uyakwenza njengalokhu nenza nina.

UNumeri 21:34

UJehova wathi kuMose: Ningamesabi, ngokuba ngimnikele esandleni sakho kanye nabantu bakhe bonke nezwe lakhe ; uyakwenza kuye njengalokho wenza kuSihoni inkosi yama-Amori owahlala eHeshiboni.

UNumeri 30:2

Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile , akayikwaphula izwi lakhe ; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.

UNumeri 6:21

Lowo ungumthetho womNaziri owenzile isithembiso nowomnikelo wakhe kuJehova ngenxa yobuNaziri bakhe , ngaphandle kokunye angaphumelela kukho; njengesithembiso sakhe asenzayo uyakwenza kanjalo njengomthetho wobuNaziri.

UNumeri 8:7

Uyakwenza kanje kubo ukuba ubahlambulule: fafaza amanzi okuphothula , baziphucule umzimba wonke, bahlanze izingubo zabo, bazihlambulule.