Skip to Content

"uyini"

17 occurrences in ZUL

1 kwabaseKorinte 3:5

Pho, uyini u -Apholo? Uyini uPawulu na ? Bayizikhonzi enakholwa ngazo , kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi.

1 kwabaseKorinte 9:18

Pho, uyini umvuzo wami na ? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli , ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho , ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini. UPawulu uyisigqila sabo bonke

1 uSamuweli 18:18

UDavide wathi kuSawule : Mina ngingubani , kuyini ukuphila kwami , nomndeni kababa uyini kwa-Israyeli ukuba ngibe ngumkhwenyana wenkosi?

AmaHubo 144:3

Jehova, uyini umuntu ukuba umazi , nendodana yomuntu ukuba uyikhumbule, na?

AmaHubo 8:4

umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?

IzEnzo 10:17

UPetru esasambathekile ngokuthi ngakube uyini lowo mbono awubonileyo , bheka, amadoda ayethunyiwe nguKorneliyu, esebuzile indlu kaSimoni , ema ngasesangweni,

KumaHeberu 2:6

Kepha omunye ufakazile endaweni ethile ngokuthi : Umuntu uyini ukuba umkhumbule, noma indodana yomuntu ukuba uyinake, na?

KwabaseGalathiya 3:19

Pho, umthetho uyini na ? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko , kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli.

NgokukaJohane 1:21

Bambuza bathi : Uyini pho ? Ungu-Eliya na ? Wathi: Angisiye. UngumProfethi na? Waphendula wathi: Qha.

U-Esteri 8:1

Ngalolo suku inkosi u -Ahashiveroshi yanika u -Esteri, inkosikazi, indlu kaHamani isitha sabaJuda. UMoridekayi weza phambi kwenkosi, ngokuba u- Esteri wayeselandile ukuthi uyini naye.

UGenesise 46:33

Kuyakuthi lapho uFaro enibiza athi: Uyini umsebenzi wenu,

UGenesise 47:3

UFaro wayesethi kubafowabo : Uyini umsebenzi wenu na ? Bathi kuFaro : Izinceku zakho zingabelusi, thina nawobaba.

UJobe 15:14

Uyini umuntu ukuba abe ngohlambulukileyo, nozelwe ngowesifazane ukuba alungisiswe, na?

UJobe 21:15

USomandla uyini ukuba simkhonze na? Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?

UJobe 7:17

Uyini umuntu ukuba umkhulise, nokuba ubeke inhliziyo yakho kuye,

UJona 1:8

Base bethi kuye : Ake usitshele ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu. Umsebenzi wakho uyini ? Uvelaphi? Liphi izwe lakini , ungowasiphi isizwe na?

UNumeri 16:11

Ngalokho wena nalo lonke iviyo lakho nimhlanganyele uJehova ; no-Aroni uyini yena ukuba nikhonone ngaye na?