"uyinkosi"
40 occurrences in ZUL
U-Obadiya esendleleni, bheka, kwahlangana naye u -Eliya, wambona, wawa ngobuso, wathi: Wena uyinkosi yami u-Eliya na?
Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati , zathi: Impela lo uyinkosi yakwa -Israyeli. Zase ziphambuka ukuba zilwe nayo , kepha uJehoshafati wamemeza.
U-Ahabi wayeselala koyise; u-Ahaziya waba yinkosi esikhundleni sakhe. UJehoshafati uyinkosi kwaJuda; u-Ahaziya uyinkosi kwa-Israyeli
Malijabule izulu , umhlaba uthokoze ; makuthiwe ezizweni : UJehova uyinkosi.
Ngakho ngiyanazisa ukuthi : Akukho muntu okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu ongathi: Kathukwe uJesu; futhi akukho muntu ongathi : UJesu uyiNkosi, kuphela ngaye uMoya oNgcwele.
Inkosi yayisimbuza owesifazane , wayilandisa. Inkosi yammisela induna ethile ngokuthi : Buyisa konke okwakungokwakhe nazo zonke izithelo zensimu, kusukela osukwini owasuka ngalo ezweni kuze kube manje. UHazayeli uyinkosi e-Aramu
Zase zishesha, zathatha, kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zabetha icilongo, zathi: UJehu uyinkosi.
Kwathi lapho izinduna zezinqola sezibonile uJehoshafati , zathi: Yena uyinkosi yakwa -Israyeli; zase ziphenduka ukuba zilwe nayo , kepha uJehoshafati wamemeza, uJehova wamsiza; uNkulunkulu wazimukisa kuye.
Kepha u -Abisalomu wathuma izinhloli ezizweni zonke zakwa -Israyeli ngokuthi: Lapho nizwa ukukhala kwecilongo , anothi: U-Abisalomu uyinkosi eHebroni.
UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade ; abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.
Ngithi kuJehova : Wena uyiNkosi yami ; anginakho okuhle ngaphandle kwakho.
Wena Nkulunkulu uyinkosi yami; yaleza ukusindiswa kukaJakobe.
Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka ; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke.
Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke; hubani ihubo!
Nokho uNkulunkulu uyiNkosi yami kwaphakad e eyenza insindiso emhlabeni.
UJehova uyinkosi , wembethe ubukh osi; uJehova wembethe , ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.
Ngokuba uJehova unguNkulunkulu omkhulu , uyinkosi enkulu phezu kwawonkulunkulu bonke.
Thanini phaka thi kwabezizwe : UJehova uyinkosi , izwe lihlala liqinile , lingenakushukunyiswa; uthetha amacala ezizwe ngobuqotho.
UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi.
UJehova uyinkosi ; mabathuthumele abantu ; uhlezi phezu kwamakherubi; mawuzamazame umhlaba.
Walithumela izwi kubantwana bakwa -Israyeli, eshumayela ivangeli lokuthula ngaye uJesu Kristu; yena uyiNkosi yabo bonke.
Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli , behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye. UPetru ukhuluma ngoKristu ukuthi uyiNkosi yokuphila
nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI , kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise. Isiluleko sokuqaphelisisa ukusindiswa
Ngokuba akukho mahluko phakathi komJuda nomGreki , lokhu yena uyiNkosi yabo bonke, ubacebele bonke abakhuleka kuye,
Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi , ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo , uyakusindiswa;
UPilatu wabuye wangena enqabe ni, wabiza uJesu , wathi kuye : Wena uyinkosi yabaJuda na?
Wayesethi uPilatu kuye : Kanti nokho uyinkosi na ? UJesu waphendula wathi: Usho khona . Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho , ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.
UNathanayeli wamphendula wathi : Rabi, uyiNdodana kaNkulunkulu , uyiNkosi ka-Israyeli.
UPilatu wambuza wathi: Wena uyinkosi yabaJuda na? Wamphendula wathi: Usho khona.
ethi: Uma uyinkosi yabaJuda, zisindise.
UPilatu wabuye waphendula , wathi kubo: Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?
UPilatu wambuza wathi : Wena uyinkosi yabaJuda na ? Waphendula, wathi kuye: Usho khona.
Kepha uJesu wayemi phambi kombusi ; umbusi wambuza wathi : Wena uyinkosi yabaJuda na? UJesu wathi kuye: Usho khona.
Wasindisa abanye , angezisindise yena ; uyinkosi yakwa -Israyeli, akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye.
Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu , uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.
Zimnandi kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle , nomemezela ukuthula , obika izindaba ezinhle , ezwakalise ukusindiswa , oshoyo kulo iSiyoni ukuthi: UNkulunkulu wakho uyinkosi.
Wena nkosi uyinkosi yamakhosi onikwe umbuso , namandla, nodumo nguNkulunkulu wasezulwini.
Uyinkosi ngokuba ushisekela imisedari na? Angithi uyihlo wadla, waphuza, wenza ukwahlulela nokulunga, kwaba kuhle kuye, na?
Ubona konke okuphakemeyo ; uyinkosi phezu kwabo bonke abantwana bokuzikhukhumeza.
Futhi ubekile abaprofethi ukuba bashumayele ngawe eJerusalema ukuthi uyinkosi kwaJuda. Njengokuba lawo mazwi eyakuzwakala enkosini, mawuze, silulekane.