Skip to Content

"uziya"

27 occurrences in ZUL

1 iziKronike 11:44

no-Uziya wase -Ashitaroti, noShama noJehiyeli amadodana kaHothamu wase-Aroweri,

1 iziKronike 27:25

U-Azimaveti indodana ka -Adiyeli wayephethe ingcebo yenkosi ; uJonathani indodana ka-Uziya wayephethe izinto emasimini , nasemizini, nasemizaneni, nasezinqabeni;

1 iziKronike 6:24

noTathi indodana yakhe , no-Uriyeli indodana yakhe , no-Uziya indodana yakhe, noShawule indodana yakhe.

2 AmaKhosi 15:13

UShalumi indodana kaJabeshi waba yinkosi ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka -Uziya inkosi yakwaJuda , wabusa inyanga eSamariya.

2 AmaKhosi 15:30

UHosheya, indodana ka -Ela, wamenzela ugobe uPheka indodana kaRemaliya, wamgenca, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana ka-Uziya.

2 AmaKhosi 15:32

Ngomnyaka wesibili kaPheka in dodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu indodana ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi.

2 AmaKhosi 15:34

Wenza okulungile emehlweni kaJehova , wenza njengakho konke akwenzileyo uyise u-Uziya.

2 iziKronike 26:1

Bonke abantu bakwaJuda bathatha u -Uziya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya.

2 iziKronike 26:11

U-Uziya wayenempi elwayo eyaphuma ukulwa ngamaviyo nj engomumo wokubalwa kwabo ngesandla sikaJehiyeli , umbhali, noMahaseya, umbusi phansi kwesandla sikaHananiya, enye yezinduna zenkosi.

2 iziKronike 26:14

U-Uziya walungisela impi yonke izihlangu , nemikhonto, nezigqoko, namabhantshi, neminsalo, namatshe endwayimana.

2 iziKronike 26:18

bamelana no -Uziya inkosi , bathi kuye : Akusikho okwakho , Uziya, ukushisela uJehova impepho , kungokwabapristi, amadodana ka -Aroni, abangcweliselwe uku shisa impepho ; phuma endlini engcwele , ngokuba wenze isiphambeko ; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.

2 iziKronike 26:19

Wayesethukuthela u -Uziya; wayenomcengezi womlilo esandleni sakhe ukuba ashise impepho ; esabathukuthelele abapristi , kwaqhamuka uchoko ebunzini lakhe phambi kwabapristi endlini kaJehova eceleni kwe -altare lempepho.

2 iziKronike 26:21

U-Uziya, inkosi, wayesengonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwakhe , wahlala endlini eyahlukanisiweyo, lokhu engonochoko, ngokuba wanqunywa endlini kaJehova . UJothamu indodana yakhe wayephezu kwendlu yenkosi , ahlulela abantu bezwe.

2 iziKronike 26:22

Ezinye izindaba zi ka-Uziya, ezokuqala nezokugcina , zalotshwa ngu -Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.

2 iziKronike 26:23

U-Uziya wayeselala koyise ; bammbela koyise ngaphandle kwamathuna amakhosi, ngokuba bathi: Ungonochoko. UJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 iziKronike 26:3

U-Uziya wayeneminyaka eyishumi nesithuha ekuqaleni kwakhe ukubusa , wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema.

2 iziKronike 26:8

Abakwa-Amoni bathela intela ku -Uziya; igama lakhe lahamba laze lafika nasekuyeni eGibithe, ngokuba waba namandla kakhulu.

2 iziKronike 26:9

U-Uziya wakha nemibhoshongo eJerusalema ngaseSangweni Lasegumbini , nangaseSangweni Lasesigodini, nangaseNqutshini, wayiqinisa.

2 iziKronike 27:2

Wenza okulungile emehlweni kaJehova njeng akho konke akwenzileyo u - Uziya, kepha akangenanga ethempelini likaJehova. Abantu babesasebenza ukonakala.

U-Amose 1:1

Amazwi ka -Amose owayephakathi kwabelusi baseThekhowa, owabonayo ngo-Israyeli emihleni ka -Uziya, inkosi yakwaJuda , nasemihleni kaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka emibili ngaphambi kokuzamazama komhlaba.

U-Ezra 10:21

Kumadodana kaHarimi : ngoMahaseya, no-Eliya, noShemaya, noJehiyeli, no-Uziya.

U-Isaya 1:1

Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.

U-Isaya 6:1

Ngomnyaka wokufa kwenkosi u -Uziya ngabona uJehova eh lezi esihlalweni sakhe sobukhosi esiphezulu nesiphakemeyo , umsila wengubo yakhe ugcwalisa ithempeli.

U-Isaya 7:1

Kwathi ezinsukwini zik a-Ahazi indodana kaJothamu ka -Uziya, inkosi yakwaJuda, uResini inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, bakhuphukela eJerusalema ukulwa nalo , kepha babengenakulinqoba.

UHoseya 1:1

Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo -Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda , nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.

UNehemiya 11:4

EJerusalema kwahlala abantwana abathile bakwaJuda nabakwaBenjamini . Kubantwana bakwaJuda : ngu-Athaya ka -Uziya, kaZakariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wabantwana bakwaPheresi,

UZakariya 14:5

Niyakubalekela esigodini sezintaba za mi, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela e -Aseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zika -Uziya inkosi yakwaJuda ; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.