Skip to Content

"vuka"

68 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 19:5

Walala ubuthongo phansi konwele ; bheka, kwamthinta ingelosi, yathi kuye: Vuka udle.

1 AmaKhosi 19:7

Ingelosi kaJehova yabuye yamthinta ngokwesibili , yathi: Vuka udle , ngokuba indlela yakho inde.

1 AmaKhosi 21:7

Wayesethi kuye u-Izebeli umkakhe: Manje, nguwe ophethe umbuso wakwa - Israyeli na? Vuka udle, inhliziyo yakho ithokoze; mina ngiyakukunika isivini sikaNaboti waseJizreyeli.

1 uSamuweli 29:10

Ngalokho vuka ekuseni kusasa kanye nezinceku zenkosi yakho ezifike nawe; senivukile ekuseni kusasa, sekukhanya, hambani.

1 uSamuweli 9:26

Bavuka ekuseni ; kwathi kusantwela , uSamuweli wabiza uSawule esophahleni lwendlu, wathi: Vuka ukuba ngikumukise. Wayesevuka uSawule, baphuma bobabili, baya phandle, yena noSamuweli.

2 iziKronike 6:41

Ngalokho: Vuka, Jehova Nkulunkulu, uze endaweni yakho yokuphumula , wena nomp hongolo wamandla akho ; abapristi bakho , Jehova Nkulunkulu , mabembathiswe ukusindiswa , nabathembekileyo bakho mabatho koze ngokuhle.

2 uSamuweli 13:15

U-Amnoni wayesemzonda ngenzondo enkulu kakhulu , ngokuba inzondo amzonda ngayo yaba nkulu kunothando akade emthanda ngalo . U-Amnoni wathi kuye: Vuka uhambe.

AbAhluleli 19:28

Yathi kuye : Vuka sihambe , kepha akuphendulanga muntu . Yayisimbeka embongolweni yayo; wasuka lowo muntu, waya endaweni yakhe.

AbAhluleli 4:14

UDebora wathi kuBaraki: Vuka, ngokuba yilolu suku uJehova anikele ngalo uSisera esandleni sakho; uJehova akaphumanga phambi kwakho na? UBaraki wehla entabeni yaseThabori nabantu abayizinkulun gwane eziyishumi e mva kwakhe.

AbAhluleli 5:12

Vuka, vuka, Debora! Vuka, vuka, uhube ihubo ! Vuka, Baraki, uthumbe abathunjwa bakho, wena ndodana ka-Abinohama!

AbAhluleli 7:9

Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: Vuka wehlele ekamu, ngokuba sengilinikele esandleni sakho.

AmaHubo 10:12

Vuka, Jehova! Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho , ungakhohlwa abahluphekileyo.

AmaHubo 132:8

Vuka, Jehova, uye ekuphumuleni kwakho , wena nomphongolo wamandla akho.

AmaHubo 17:13

Vuka, Jehova, umhlangabeze, umwise phansi; sindisa umphefumulo wami komubi ngenkemba yakho,

AmaHubo 35:23

Vuka, usukumele ukwahlulelwa kwami , Nkulunkulu wami , Nkosi yami , umele icala lami.

AmaHubo 3:7

Vuka, Jehova, ungisindise, Nkulunkulu wami, ngokuba zonke izitha zami uzishayile emhlathini, amazinyo ababi uwaphulile.

AmaHubo 44:23

Vuka, Nkosi! Ulaleleni na? Vuka, ungasilahli njalonjalo.

AmaHubo 57:8

Vuka, mphefumulo wami; vukani, lugubhu nehabhu! Ngizakuvusa ukusa.

AmaHubo 59:4

Ziyagijima, zizilungisele, kungekho cala kimi; vuka, ungihlangabeze, ubone.

AmaHubo 59:5

Wena kambe, Jehova Nkulunkulu Sebawoti , Nkulunkulu ka -Israyeli, vuka uphindisele bonke abezizwe, ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela

AmaHubo 74:22

Vuka, Nkulunkulu, uyimele indaba yakho; khumbula ukuthi uklolodelwa yiziwula usuku lonke.

AmaHubo 82:8

Vuka, Nkulunkulu, wahlulele umhlaba , ngokuba wena uyindlalifa yezizwe zonke.

AmaHubo 9:19

Vuka, Jehova! Mawungavumi ukuba abantu bahlule ; abezizwe mabahlulelwe ebusweni bakho.

IsAmbulo 3:2

Vuka ulinde , uqinise okuseleyo obekuzakufa , ngokuba angifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami;

IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:10

Othandiweyo wami wakhuluma , wathi kimi : Vuka, sithandwa sami , muhlekazi wami; woza sihambe,

IsiHlabelelo seziHlabelelo 2:13

Umkhiwane u thela amakhiwane awo aluhlaza , imivini inezimbali , ithaphuka iphunga layo ; vuka, sithandwa sami , muhlekazi wami ; woza sihambe. Umnyeni:

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4:16

Vuka, moya wasenyakatho , uze wena Ningizimu , uphephethe ensimini yami, ukuze amakha ayo athaphuke; othandiweyo wami makangene ensimini yakhe, adle izithelo zayo ezinqabileyo.

IsiLilo 2:19

Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo , uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi; phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.

IzEnzo 10:13

Kwavela izwi, lathi kuye: Vuka, Petru; hlaba, udle.

IzEnzo 9:34

Khona uPetru wathi kuye: Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho. Wayesevuka masinyane.

IzEnzo 9:40

Kepha uPetru wabakhipha bonke , waguqa ngamadolo , wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: Thabitha, vuka! Wayesevula amehlo akhe , wabona uPetru, walulama.

IzEnzo 9:6

kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.

NgokukaLuka 5:23

Yikuphi okulula ukuthi : U thethelelwe izono zakho , noma ukuthi : Vuka uhambe, na?

NgokukaLuka 5:24

Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono , wayesethi kofe uhlangothi : Kuwena ngithi : Vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

NgokukaLuka 7:14

Yasondela, yathinta uhlaka ; abaluthweleyo base bema . Yayisithi: Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka!

NgokukaLuka 8:54

Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: Ntombazana, vuka!

NgokukaMarku 2:11

ngithi kuwe: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

NgokukaMarku 2:9

Yikuphi okulula ukuth i kofe uhlangothi : U thethelelwe izono zakho , noma ukuthi: Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe, na?

NgokukaMarku 5:41

Wabamba umntwana ngesandla , wathi kuye: Thalitha, kumi, okungukuthi ngokuhunyushwa: Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!

NgokukaMathewu 2:13

Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho , ithi: Vuka uthabathe umntwana nonina , ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.

NgokukaMathewu 2:20

Vuka uthab athe umntwana nonina , uye ezweni lakwa -Israyeli; ngokuba sebefile ababezingela ukuphila komntwana.

NgokukaMathewu 9:5

Ngokuba yikuphi okulula ukuthi : U thethelelwe izono zakho , noma ukuthi: Vuka uhambe, na?

NgokukaMathewu 9:6

Kepha u kuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono -- khona wathi kofe uhlangothi : Vuka, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

U-Eksodusi 32:1

Abantu sebebone ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana ku-Aroni, bathi kuye : Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo , umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.

U-Eksodusi 8:20

UJehova wayesethi kuMose : Vuka ekuseni kusasa , ume phambi kukaFaro; bheka, uyaphuma ukuya emanzini ; thana kuye : U Jehova usho kanje , uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe bangikhonze.

U-Eksodusi 9:13

UJehova wayesethi kuMose : Vuka ekuseni kusasa , ume phambi kukaFaro , uthi kuye: UJehova, uNkulunkulu wamaHeberu, usho kanje, uthi: Bavumele abantu bami ukuba bahambe, bangikhonze.

U-Ezra 10:4

Vuka, ngokuba iphezu kwakho le ndaba ; thina sinawe ; yiba nesibindi , ukwenze.

U-Isaya 23:12

Wathi: Awusayikujabula wena ntombi ehlazisiweyo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKitimi; nalapho awuyikuthola ukuphumula.

U-Isaya 51:17

Vuka, vuka, usukume wena Jerusalem a ophuzile esandleni sikaJehov a indebe yokufutheka kwakhe ; uphuzile isitsha se ndebe yokutengezela , wasiminya.

U-Isaya 51:9

Vuka, vuka, wembathe amandla wena mkho no kaJehova , vuka njengasezinsukwini zasendulo , ezizukulwaneni zamandulo . Akusuwe owamnquma kabili uRahabi, wamgwaza udrako, na?

U-Isaya 52:1

Vuka, vuka, wembathe amandla akho , Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwe le, ngokuba akusayikungena kuw e ongasokile nongcolileyo.

U-Isaya 60:1

Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza; inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.

UDaniyeli 7:5

Bheka, esinye isilo, esesibili, sinjengebhere, samiswa ngolunye uhlangothi , izimbambo ezintathu zisemlonyeni waso phakathi kwamazinyo aso ; kwathiwa kuso: Vuka, udle inyama eningi.

UDuteronomi 10:11

UJehova wayesethi kimi : Vuka uhambe phambi kwabantu ; bayakungena, balidle izwe engalifungela oyise ukubanika lona. Isiyalezo sokulalela imiyalo kaJehova

UDuteronomi 9:12

UJehova wathi kimi: Vuka wehle lapha masinyane, ngokuba abantu bakho owabakhipha eGibithe bonile, baphambukile masinyane endleleni engabayala ngayo; bazenzele isithombe esibunjiweyo.

UGenesise 19:15

Kusantwela iz ingelosi zamsheshisa uLoti , zathi: Vuka uthathe umkakho , namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.

UGenesise 21:18

Vuka uphakamise umfana , umbambe ngesandla sakho , ngokuba ngiyakumenza isizwe esikhulu.

UGenesise 27:43

Ngalokho, ndodana yami , lalela izwi lami : vuka ubalekele kuLabani umfowethu eHarana,

UGenesise 28:2

Vuka uye ePhadani Aramu endlini kaBetuweli uyise kanyoko , uzithathele khona umfazi kuwo amadodakazi kaLabani unyokolume.

UGenesise 31:13

NginguNkulunkulu waseBethele , lapho wagcoba khona insika na lapho wenza isithembiso kimi ; manje vuka , usuke kuleli zwe , ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.

UHabakuki 2:19

Wo koshoyo kumuthi ukuthi : Vuka! nakulo itshe eliyisimungulu: Phaphama! Lokhu kungafundisa na ? Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva, kungekho neze umoya phakathi kwakho.

UJeremiya 2:27

abathi emthini : U ngubaba, nasetsheni: Wena wangizala . Ngokuba bangifulathele, abangibheki; kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwab o bayakusho ukuthi: Vuka, usisindise.

UJona 1:6

Kwase kusondela kuye induna yomkhumbi , yathi: Unani wena olele ubuthongo na? Vuka, ubize uNkulunkulu wakho; mhlawumbe lo Nkulunkulu uyakusikhumbula ukuba singabhubhi.

UNumeri 10:35

Kwathi ekusukeni komphongolo uMose washo wathi : Vuka, Jehova; mazihlakazeke izitha zakho; abakuzondayo mababaleke ebusweni bakho.

UNumeri 22:20

UNkulunkulu weza kuBileyamu ebusuku , wathi kuye: Uma amadoda efika ukukubiza, vuka uhambe nawo; kepha lelo zwi kuphela engilikhuluma kuwe uyakulenza.

UNumeri 22:21

UBileyamu wa vuka ekuseni , wabophela imbongolo yakhe , wahamba nezikhulu zakwaMowabi.

UNumeri 23:18

Wayesethatha isisho sakhe, wathi: Vuka, Balaki, uzwe; ngilalele, wena ndodana kaSipori:

UZakariya 13:7

Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami, usho uJehova Sebawoti . Shaya umalusi , zize zihlakazeke izimvu , bese ngiphendulela abancane isandla sami.