Skip to Content

"wababi"

10 occurrences in ZUL

AmaHubo 22:16

Ngokuba izinja ziyangibungayela; umbonda wababi ungizungezile; izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.

IzAga 10:11

Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila , kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.

IzAga 10:32

Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle , kepha umlomo wababi okuphambeneyo.

IzAga 10:6

Izibusiso zisekha nda lolungileyo , kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu.

IzAga 11:11

Ngesibusiso sabaqotho umuzi uyaphakanyiswa , kepha ngomlomo wababi uyachithwa.

IzAga 15:8

Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova , kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.

IzAga 19:28

Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela; umlomo wababi uyagwinya ukona.

IzAga 21:27

Umhlatshelo wababi uyi sinengiso; kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.

IzAga 4:14

Ungangeni emkhondweni wababi, ungahambi endleleni yabonakeleyo.

UmShumayeli 8:14

Kukhona okuyize okwenziwa emhlabeni kokuthi kukhona abalungileyo abehlelwa ngokomsebenzi wababi , nokuthi kukhona ababi abehlelwa ngokomsebenzi wabalungileyo; ngathi: Nalokho kuyize.