Skip to Content

"wabafumana"

8 occurrences in ZUL

2 iziKronike 25:5

Futhi u-Amasiya wabutha uJuda, wabamisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu , oJuda wonke noBenjamini; wababala kusukela kwabaneminyaka en gamashumi amabili kuya phezulu , wabafumana beyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu abakhethekileyo abangaphuma impi nabangaphatha umkhonto nesihlangu.

IsAmbulo 2:2

Ngiyayazi imisebenzi yakho , nemizamo yakho , nokubekezela kwakho , nokuthi kawunakubamela ababi ; wabavivinya abazisho ukuthi bangabaphostoli bengesibo, wabafumana beqamba amanga;

NgokukaLuka 22:45

Esesukume ekukhulekeni weza kubafundi bakhe , wabafumana belele ngokudabuka.

NgokukaMarku 14:37

Wayeseza, wabafumana belele ; wathi kuPetru : Simoni, ulele na ? Ubungelinde ihora libe linye na?

NgokukaMarku 14:40

Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima ; babengazi ukuthi bazakumphendula ngokuthini.

NgokukaMathewu 26:40

Wayeseza kubafundi , wabafumana belele ; wathi kuPetru : Kanti beningelinde nami ihora libe linye na?

NgokukaMathewu 26:43

Esebuya futhi wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayenzima.

UGenesise 37:17

Wathi lowo muntu : Basukile lapha , ngokuba ngabezwa bethi : Asiye eDotayini. UJosefa walandela abafowabo, wabafumana eDotayini.