Skip to Content

"wabafundisa"

11 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 17:28

Wayesefika omunye wabapristi ababebathumbile eSamariya, wahlala eBethele, wabafundisa ukumesaba uJehova.

NgokukaJohane 8:2

Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini ; abantu bonke beza kuye ; wayesehlala phansi, wabafundisa.

NgokukaLuka 11:1

Kwathi ekhuleka endaweni ethile , esegcinile, omunye wabafundi bakhe wathi kuye : Nkosi, sifundise ukukhuleka , njengokuba uJohane naye wabafundisa abafundi bakhe.

NgokukaLuka 5:3

Esengene komunye wemikhumbi ongokaSimoni wamcela ukuba asuke kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wabafundisa abantu esemkhunjini.

NgokukaMarku 10:1

Wasuka lapho , weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye , waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe.

NgokukaMarku 1:22

Bamangala ngokufundisa kwakhe ; ngokuba wabafundisa njengonamandla, kungenjengababhali. Ukuphulukiswa kweziguli (Math. 8:14; Luk. 4:31)

NgokukaMarku 2:13

Waphuma futhi , waya ngaselwandle ; isixuku sonke sabantu seza kuye , wabafundisa.

NgokukaMarku 4:2

Wabafundisa okuningi ngemifanekiso; wathi kubo ekufundiseni kwakhe:

NgokukaMarku 9:31

ngokuba wabafundisa abafundi bakhe , wathi kubo : INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu , bazakuyibulala; kuthi isibulewe , izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.

NgokukaMathewu 13:54

Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni labo , baze bamangala, bathi: Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?

NgokukaMathewu 5:2

Wayesevula umlomo wakhe, wabafundisa wathi: