Skip to Content

"wabanika"

35 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 13:3

Wabanika isiboniso ngalolo suku , wathi: Yilesi esiyisiboniso uJehova akhulume ngaso sokuthi : Bheka, i-altare liyakudatshulwa , umlotha ophezu kwalo uchithwe.

2 iziKronike 21:3

Uyise wabanika izipho ezinkulu zesiliva nezegolide, namagugu kanye nemizi ebiyelweyo kwaJuda , kepha umbuso wawunika uJehoramu , ngokuba wayeyizibulo.

2 iziKronike 35:7

UJosiya wabanika abantu besizwe bonke ababekhona emihlambini amawundlu namazinyane ezimbuzi , onke abengaweminikelo yephasika , umumo uyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nezinkunzi eziyizinkulungwane ezintathu; lokho kwakungokwempahla yenkosi.

AbAhluleli 14:19

UMoya kaJehova wafika kuye ngamandla , wehlela e-Ashikeloni, wabulala abantu abangamashumi amathathu kubo , wathatha isambatho sabo , wabanika abayiqandele imfumbe izingubo zokuphendulela. Intukuthelo yakhe yavutha, wenyukela endlini kayise.

AmaHubo 105:32

Wabanika isichotho saba yimvula yabo, amalangabi omlilo ezweni labo.

AmaHubo 106:15

Wabanika abakufisayo, kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.

AmaHubo 61:5

Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami , wabanika ifa abalesaba igama lakho.

IsAmbulo 16:6

ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.

IzEnzo 13:20

kwadlula kungathi iminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu . Emva kwalokho wabanika abahluleli kwaze kwaba nguSamuweli umprofethi.

IzEnzo 13:21

Kusukela lapho bacela inkosi ; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKisi, umuntu wesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane.

KwabaseRoma 11:8

njengalokho kulotshiwe ukuthi: UNkulunkulu wabanika umoya wobuthongo, amehlo okungaboni, nezindlebe zokungezwa, kuze kube lusuku lwanamuhla.

NgokukaLuka 10:35

Ngangomuso wakhipha odenariyu ababili , wabanika umninindlu , wathi kuye: M gcine, nalokho okwelekelayo ngiyakukubuyisela kuwe ekubuyeni kwami.

NgokukaLuka 22:19

Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.

NgokukaLuka 24:30

Kwathi esehlezi nabo ekudleni , wathabatha isinkwa , wabonga, wasihlephula, wabanika.

NgokukaLuka 9:1

Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo.

NgokukaMarku 14:22

Kwathi besadla , uJesu wathabatha isinkwa , wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.

NgokukaMarku 14:23

Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika; baphuza kuso bonke.

NgokukaMarku 6:7

Wayesebabiza abayishumi nambili , waqala ukubathuma ngababili , wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo.

NgokukaMathewu 10:1

Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili , wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe , nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.

NgokukaMathewu 14:19

Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini , wazithabatha izinkwa eziyisihlanu n ezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini , wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

NgokukaMathewu 26:27

Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: Phuzani nonke kuso;

UDaniyeli 1:17

Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.

UDuteronomi 31:9

UMose waloba lowo mthetho, wabanika wona abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova namalunga onke akwa- Israyeli.

UGenesise 45:21

Enze njalo amadodana ka -Israyeli. UJosefa wabapha izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika nomphako wendlela.

UHezekeli 23:7

Wabanika ubufebe bakhe , bengamadoda akhethekileyo ase -Asiriya; bonke abakhanukelayo, wangcoliswa ngazo zonke izithombe zabo.

UJeremiya 32:22

wabanika leli zwe , njengalokho afunga koyise ukubani ka lona , izwe elichichima ubisi nezinyosi;

UJeremiya 39:10

Kepha uNebuzaradani induna yabalindi wabashiya abantu abampofu ababengenalutho ezweni lakwaJuda, wabanika izivini namasimu ngasikhathi sinye.

UJobe 42:15

Ezweni lonke akufunyanwang a abesifazane abahle njengamadodakazi kaJobe; uyise wabanika ifa phakathi kwabanewabo.

UJoshuwa 12:6

UMose inceku kaJehova na bantwana bakwa -Israyeli babebabulele ; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni , nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.

UJoshuwa 21:44

UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo ; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo.

UNehemiya 9:13

Wehlela entabeni yaseSinayi , wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;

UNehemiya 9:15

wabanika isinkwa esivela ezulwini ngokulamba kwabo , wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo , wabayala ukuba bangene ukulidla izwe owaphakamisa ngalo isandla sakho ukuba ubanike lona.

UNehemiya 9:20

Wabanika nomoya wakho omuhle ukubafundisa; awugodlanga imana lakho emilonyeni yabo, wabanika amanzi ngokoma kwabo.

UNehemiya 9:22

Wabanika imibuso nezizwe owababela khona izindawo ngezindawo ; badla izwe likaSihoni , izwe lenkosi yaseHeshiboni , nezwe lika -Ogi inkosi yaseBashani.

UNehemiya 9:27

Wawusubanikela esandleni sezitha zabo ezabahlupha ; ngesikhathi sokuhlupheka kwabo sebekhala kuwe, wena wabezwa usezulwini, nangomusa wakho omkhulu wabanika abasindisi ababasindisa esandleni sezitha zabo.