Skip to Content

"wabayala"

21 occurrences in ZUL

2 AmaKhosi 17:35

uJehova enza nabo isivumelwano, wabayala wathi: Aniyikwesaba abanye onkulunkulu, ningakhothameli kubo, ningabakhonzi, ningabahlabeli;

2 iziKronike 19:9

wabayala wathi : Niyakwenze njalo ngokumesaba uJehova , ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo.

IzEnzo 11:23

wathi u kuba afike , abone umusa kaNkulunkulu , wathokoza, wabayala bonke ukuba banamathele eNkosini ngokuzimisela inhliziyo.

IzEnzo 1:4

kwathi ehlangene nabo , wabayala ngokuthi : Ningamuki eJerusalema , kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami.

IzEnzo 2:40

Wafakaza nangamanye amazwi amaningi , wabayala wathi : Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.

NgokukaLuka 8:56

Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.

NgokukaLuka 9:21

Wabayala, wagcizelela ukuba bangatsheli muntu lokho,

NgokukaMarku 6:39

Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba.

NgokukaMarku 6:8

Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela , kuphela udondolo lodwa , bangaphathi nasinkwa, nasikhwama, nathusi emixhakeni,

NgokukaMarku 7:36

Wabayala ukuba bangatsheli muntu . Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela.

NgokukaMarku 9:9

Besehla entabeni , wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo , iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo.

NgokukaMathewu 10:5

Laba abayishumi nambili uJesu wabathuma , wabayala wathi : Ningayi ngendlela yabezizwe, ningangeni emzini wamaSamariya;

NgokukaMathewu 16:20

Khona wabayala abafundi ukuba bangatsheli muntu ukuthi nguye onguKristu. UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe nokwabamlandelayo (Mark. 8:31; Luk. 9:22)

NgokukaMathewu 17:9

Besehla entabeni , uJesu wabayala wathi : Ningatsheli muntu lowo mbono , ize ivuke iNdodana yomuntu kwabafileyo.

U-Eksodusi 34:32

Ngasemuva bonke abantwana bakwa-Israyeli basondela, wabayala ngakho konke uJehova akukhulume kuye entabeni yaseSinayi.

UDuteronomi 31:10

UMose wabayala wathi : Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo , ngesikhathi esinqunyiweyo somnyaka woyekelo ngomkhosi wamadokodo,

UGenesise 49:29

Wabayala, wathi kubo: Mina sengiyakubuthelwa kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti,

UJoshuwa 8:29

Inkosi yase -Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa ; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini , basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi , wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla. I-altare entabeni yase-Ebali

UNehemiya 9:14

wabazisa isabatha lakho elingcwele , wabayala ngemiyalo , nangezimiso, nangomthetho ngesandla sikaMose inceku yakho;

UNehemiya 9:15

wabanika isinkwa esivela ezulwini ngokulamba kwabo , wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo , wabayala ukuba bangene ukulidla izwe owaphakamisa ngalo isandla sakho ukuba ubanike lona.

UNumeri 36:5

UMose wabayala abantwana bakwa -Israyeli njengezwi likaJehova , wathi: Isizwe samadodana kaJosefa sikhulume kahle.