Skip to Content

"wabheka"

21 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 19:6

Wabheka, nanto iqebelengwane ngasekhanda lakhe elenziwe ematsheni ashisayo, nophiso lwamanzi. Wadla, waphuza; wayesebuye walala phansi.

1 uSamuweli 16:6

Kwathi sebefikile , wabheka u-Eliyabe, wathi: Impela ogcotshiweyo kaJehova uphambi kwakhe.

1 uSamuweli 17:30

Wamfulathela, wabheka komunye , wakhuluma lona lelo zwi ; abantu bamphendula njengakuqala.

1 uSamuweli 24:8

Naye uDavide wasuka ng asemuva, waphuma emhumeni, wamemeza emva kukaSawule, ethi: Nkosi yami , nkosi! USawule wabheka emuva , uDavide wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.

2 AmaKhosi 2:24

Wabheka emva kwakhe , wababona, wabaqalekisa egameni likaJehova . Kwase kuphuma ehlathini amabhere amabili ezinsikazi , adwengula abafana abangamashumi amane nambili kubo.

2 uSamuweli 18:24

UDavide wayehlezi emkhathini wamasango omabili; umlindi wakhuphukela ophahleni lwesango ngasogangeni , waphakamisa amehlo akhe , wabheka, nanguya umuntu egijima eyedwa.

2 uSamuweli 2:20

U-Abineri wabheka emuva, wathi: Ungu-Asaheli na? Wathi: Yimi.

AbAhluleli 5:28

Wabheka efasiteleni , wamemeza, unina kaSisera wathi eheleni : Inqola yakhe ilibalelani ukufika na? Zilibaziselwani izinyawo zezinqola zakhe na?

AbAhluleli 9:43

Wathatha abantu , wabahlukanisela izigaba ezintathu , waqamekela endle ; wabheka, nampa abantu bephuma emzini; wabavukela, wababulala.

NgokukaLuka 19:5

Esefikile uJesu kuleyo ndawo wabheka phezulu, wathi kuyo: Zakewu, shesha wehle, ngokuba namuhla ngimelwe ukuhlala endlini yakho.

NgokukaLuka 9:16

Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku.

NgokukaMarku 6:41

Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa , wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo.

NgokukaMarku 7:34

wabheka ngasezulwini , wabubula, wathi kuso : Efatha! okungukuthi: Vuleka!

NgokukaMarku 8:33

Kepha waphenduka , wabheka abafundi bakhe , wamkhuza uPetru , wathi: Buyela emva kwami , Sathane, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.

NgokukaMathewu 14:19

Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini , wazithabatha izinkwa eziyisihlanu n ezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini , wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.

U-Isaya 22:8

Wasisusa isimbozo kwaJuda; wena wabheka ngalolo suku izikhali zasendlini yehlathi.

U-Isaya 5:7

Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka -Israyeli, namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo ; wabheka ukwahlulela , kepha bheka, ngukucindezela, yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala. Amazwi okwahlulela okubi

UGenesise 19:26

Kepha umkakhe wabheka emva kwakhe, waba yinsika kasawoti.

UGenesise 19:28

Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa , wabona, bheka, isisi sezwe senyuka njengomusi weziko.

UGenesise 29:2

Wabheka, nanko umthombo endle , nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi ; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.

UGenesise 33:1

UJakobe waphakamisa amehlo akhe , wabheka, nango u -Esawu eza enamadoda angamakhulu amane . Abantwana wabahlukanisela oLeya , noRaheli, nezincekukazi zombili.