Skip to Content

"wabonakala"

20 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 3:5

EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi: Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.

1 AmaKhosi 9:2

uJehova wabonakala kuSolomoni ngokwesibili , njengalokho ayebonakele kuye eGibeyoni.

1 uSamuweli 3:21

UJehova waphinda wabonakala eShilo , ngokuba uJehova wazibonakalisa kuSamuweli eShilo ngezwi likaJehova.

2 iziKronike 1:7

Ngalobo busuku uNkulunkulu wabonakala kuSolomoni , wathi kuye : Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.

2 iziKronike 7:12

UJehova wabonakala kuSolomoni , wathi kuye : Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo.

IzEnzo 7:2

Yena wathi : Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani. UNkulunkulu wenkazimulo wabonakala kubaba u -Abrahama eseMesopotamiya, engakakhi eHarana,

NgokukaMarku 16:12

Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni.

NgokukaMarku 16:14

Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni , wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo , ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile.

NgokukaMarku 16:9

Esevukile, kusekuseni ngosuku lokuqala lweviki , wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amademoni ayisikhombisa.

UDuteronomi 31:15

UJehova wabonakala etendeni esensikeni yefu , insika yema ngasemnyango wetende.

UGenesise 12:7

UJehova wabonakala ku -Abrama, wathi: Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho. Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.

UGenesise 17:1

U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku -Abrama, wathi kuye : NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.

UGenesise 18:1

UJehova wabonakala kuye ngasema -okini aseMamre , ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini.

UGenesise 26:2

UJehova wabonakala kuye , wathi: Ungehleli eGibithe ; hlala ezweni engizakukutshela lona,

UGenesise 26:24

UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: NginguNkulunkulu kayihlo u -Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe ; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.

UGenesise 35:7

Wakha khona i -altare, wayibiza indawo ngokuthi i -Eli Bethele , ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo.

UGenesise 35:9

UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani Aramu , wambusisa.

UGenesise 48:3

UJakobe wathi kuJosefa : UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLuze ezweni laseKhanani, wangibusisa,

UHezekeli 19:11

Wawunezingatsha ezinamandla ezaba yizintonga zababusayo ; isiqu sawo sasiphakeme phakathi kwamaqabunga amaningi , waze wabonakala phezulu phakathi kwamahlumela awo amaningi.

UJeremiya 31:3

UJehova wabonakala kimi ekude , wathi: Ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.