Skip to Content

"wabuka"

9 occurrences in ZUL

1 iziKronike 21:15

UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha ; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka , wazisola ngalobo bubi , wathi engelosini echithayo: Sekwanele; buyisa isandla sakho . Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi.

1 iziKronike 21:21

UDavide esefika ku -Orinani, u-Orinani wabuka , wambona uDavide , waphuma esibuyeni, wakhothamela uDavide, ubuso bakhe bubheke phansi.

2 AmaKhosi 11:14

wabuka, bheka, inkosi yayimi ngasensikeni njengomthetho , izikhulu nabamacilongo bengasenkosini ; bonke abantu bezwe bathokoza , bakhalisa amacilongo. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wamemeza ngokuthi: Ngugobe! Ngugobe!

2 iziKronike 23:13

wabuka; bheka, inkosi yayimi ngasensikeni yayo ekungeneni , izikhulu nabamacilongo bengasenkosini ; bonke abantu bezwe bathokoza , bakhalisa amacilongo; abahlabeleli babetha izinto zokubethwa , bahola ukuhlabelela kwendumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe , wathi: Ngugobe! Ngugobe!

AmaHubo 102:19

Ngokuba ubheke phansi esekuphakameni kwakhe okungcwele , wabuka umhlaba esezulwini

NgokukaMarku 12:41

Wayesehlala phansi maqondana nomphongolo womnikelo , wabuka isixuku sibeka umnikelo emphongolweni. Abaningi abacebileyo babeka kakhulu.

U-Eksodusi 2:11

Kwathi ngalezo zinsuku uMose esekhulile , waphuma, waya kubafowabo , wabuka imithwalo yabo ; wabona owaseGibithe eshaya umHeberu , omunye wabafowabo.

U-Eksodusi 3:2

Kwabonakala kuye ingelosi kaJehova elangabini lomlilo livela phakathi kwesihlahla; wabuka, bheka, isihlahla savutha umlilo , kepha isihlahla asiphelanga nokho.

UGenesise 18:2

Waphakamisa amehlo akhe , wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe ; wathi ukuba awabone , wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama,