Skip to Content

"wafumana"

28 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:19

UHadadi wafumana umusa omkhulu emehlweni kaFaro , waze wamnika umlamu wakhe abe ngumkakhe, udadewabo wenkosikazi uThahipenesi.

1 AmaKhosi 13:28

Wahamba, wafumana isidumbu sakhe sintshingwe endleleni , imbongolo nengonyama zimi eceleni kwesidumbu ; ingonyama ayidlanga isidumbu , ayidwengulanga nembongolo.

1 iziKronike 20:2

UDavide wathatha umqhele wenkosi yabo ekhanda layo, wafumana isisindo sawo ukuthi sasiyitalenta legolide, itshe eliyigugu likuwo; wabekwa ekhanda likaDavide; wakhipha emzini impango eningi kakhulu.

2 AmaKhosi 10:13

uJehu wafumana abafowabo baka -Ahaziya inkosi yakwaJuda, wathi: Nina ningobani na ? Bathi: Singabafowabo baka -Ahaziya; siyehla ukubingelela abantwana benkosi nabantwana benkosikazi.

2 AmaKhosi 10:15

Esesukile khona wafumana uJehonadaba indodana kaRekabi eza ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye : Inhliziyo yakho ilungelene nenhliziyo yami njengeyami ilungelene neyakho na ? Wathi uJehonadaba: Yebo. Wathi uJehu: Uma kunjalo , nginike isandla sakho . Wamnika isandla sakhe, wamkhwelisa enqoleni yakhe.

2 AmaKhosi 19:8

Wayesebuya uRabi Shake , wafumana inkosi yase -Asiriya ilwa neLibina , ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.

2 AmaKhosi 4:39

Kwaphuma omunye , waya endle ukukha imifi no, wafumana intandela yasendle, wabutha kuyo izintangazane ; yagcwala ingubo yakhe ; wafika, waziklabelela ekhanzini lokudla, ngokuba babengazazi.

2 iziKronike 34:14

Lapho beyikhipha imali eyayilethwe endlini kaJehova , uHilikiya, umpristi, wafumana incwadi yomthetho kaJehova eyalotshwa ngesandla sikaMose.

AbAhluleli 15:15

Wafumana umhlathi wembongolo osemusha , welula isandla sakhe , wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane.

IzEnzo 10:27

Esakhuluma naye wangena, wafumana abaningi ababebuthene.

IzEnzo 18:2

Wafumana khona umJuda oth ile ogama lakhe lingu -Akwila, wasePontu ngokuzalwa, owayesanda kufika ephuma e -Italiya, enoPrisila umkakhe , ngenxa yesimemezelo sikaKlawudiyu sokuba bonke abaJuda bamuke eRoma ; weza kubo;

IzEnzo 19:1

Kwathi u -Apholo eseKorinte , uPawulu wafika e -Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile,

IzEnzo 9:33

Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu -Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi.

NgokukaJohane 1:41

yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni , wathi kuye : Simfumene uMesiya, okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.

NgokukaJohane 1:43

Ngangomuso wayefuna ukuya eGalile , wafumana uFiliphu ; uJesu wathi kuye: Ngilandele.

NgokukaJohane 1:45

UFiliphu wafumana uNathanayeli , wathi kuye : Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofet hi, uJesu waseNazaretha , indodana kaJosefa.

NgokukaJohane 2:14

Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali.

NgokukaLuka 4:17

Wanikwa incwadi ka -Isaya umprofethi , wayivula incwadi , wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi:

NgokukaMarku 7:30

Wayesemuka, waya endlini yakhe , wafumana umntwana elele embhedeni , idemoni liphumile. Isithulu esinamalimi siyaphiliswa (Math. 15:29)

NgokukaMathewu 20:6

Esephuma ngehora leshumi nanye wafumana abanye bemi , wathi kubo : Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi lutho na?

U-Esteri 2:15

Lapho sesifikile isikhathi sika -Esteri, indodakazi ka -Abihayili, uyisekazi kaMoridekayi omthathe ukuba abe yindodakazi yakhe sokuba angene enkosini, akafunanga lutho , kuphela lokho akushoyo uHegayi induna yenkosi, umgcini wabesifazane . U-Esteri wafumana umusa emehlweni abo bonke abambonayo.

U-Esteri 2:17

Inkosi yamthanda u -Esteri phezu kwabo bonke abesifazane, wafumana umusa nesihe emehlweni ayo kunazo zonke izintombi , wamfaka umqhele wobukhosi, wamenza inkosikazi esikhundleni sikaVashiti.

U-Esteri 5:2

Kwathi lapho inkosi ibona u -Esteri inkosikazi emi egcekeni , wafumana umusa emehlweni ayo ; inkosi yamelulela u -Esteri intonga yegolide esesandleni sayo. Wayesesondela u-Esteri, wasithinta isihloko sentonga.

U-Isaya 37:8

Wayesebuya uRabi Shake , wafumana inkosi yase -Asiriya ilwa neLibina , ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.

UGenesise 30:14

Ngesikhathi sokuvuna ukolweni uRubeni waya wafumana amamandragora endle, wawayisa kunina uL eya. URaheli wayesethi kuLeya : Ake ungiphe amamandragora endodana yakho.

UGenesise 39:4

UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo , wayikhonza; yambeka abe yinduna phezu kwendlu yayo , nakho konke okwayo yakunikela esandleni sakhe.

UJona 1:3

Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi , wehlela eJopha , wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi ; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo , aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.

UNehemiya 9:8

wafumana inhliziyo yakhe ithembekile phambi kwakho , wenza isivumelwano naye ukunika inzalo yakhe izwe lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaJebusi, nelamaGirigashi, wawafeza amazwi akho, ngokuba ulungile.