Skip to Content

"wagula"

8 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 14:1

Ngaleso sikhathi u-Abiya indodana kaJerobowamu wagula.

2 AmaKhosi 1:2

U-Ahaziya wawa eheleni lekame lo lakhe eliphezulu laseSamariya , wagula, wathuma izithunywa , wathi kuzo : Hambani nibuze kuBali Zebubi unkulunkulu wase-Ekroni, uma ngiyakusinda kulokhu kugula kwami.

2 AmaKhosi 20:1

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa . Kwafika kuye u - Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.

2 iziKronike 32:24

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula waze waba sengozini yokufa ; wakhuleka kuJehova; yena wakhuluma kuye, wamnika isibonakaliso.

2 uSamuweli 12:15

UNathani wayesebuyela endlini yakhe . UJehova washaya ngesifo umntwana owazalelwa uDavide kumka-Uriya, wagula kakhulu.

2 uSamuweli 13:2

U-Amnoni wajilajileka waze wagula ngenxa kadadewabo uTamari , ngokuba wayeyintombi; kwakungenakwenzeka emehlweni ka -Amnoni ukwenza lutho kuye.

IzEnzo 9:37

Kwathi ngalezo zinsuku wagula , wafa; sebemgezile bambeka ekamelweni eliphezulu.

U-Isaya 38:1

Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula , wayephansi kokufa . Kwafika kuye u - Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.