Skip to Content

"wakhothamela"

12 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 18:42

Wayesekhuphuka u -Ahabi ukuba adle , aphuze. U-Eliya wakhuph ukela esiqongweni saseKarmeli , wakhothamela phansi , wabeka ubuso bakhe phakathi kwamadolo akhe.

1 iziKronike 21:21

UDavide esefika ku -Orinani, u-Orinani wabuka , wambona uDavide , waphuma esibuyeni, wakhothamela uDavide, ubuso bakhe bubheke phansi.

1 uSamuweli 24:8

Naye uDavide wasuka ng asemuva, waphuma emhumeni, wamemeza emva kukaSawule, ethi: Nkosi yami , nkosi! USawule wabheka emuva , uDavide wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.

1 uSamuweli 25:23

Lapho u -Abigayili embona uDavide , washesha wehlika embongolweni yakhe, wawa ngobuso phambi kukaDavide, wakhothamela phansi.

1 uSamuweli 28:14

Wathi kuye : Unesimo sini na ? Wathi: Kukhuphuka ixhegu limboziwe ngengubo. USawule wabona ukuthi kunguSamuweli , wakhothamela phansi ngobuso, wakhuleka.

2 uSamuweli 14:33

Wayeseya uJowabe enkosini , wayitshela; isimbizile u -Abisalomu, weza enkosini, wakhothamela kuyo , ubuso bakhe bubheke phansi , phambi kwenkosi; inkosi yamanga u-Abisalomu.

U-Eksodusi 34:8

UMose washesha wakhothamela emhlabathini, wakhuleka.

UGenesise 19:1

Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile ; uLoti wayehlezi esangw eni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza ; wakhothamela emhlabathini ngobuso,

UGenesise 23:12

U-Abrahama wakhothamela ebusweni babantu balelo zwe.

UGenesise 23:7

U-Abrahama wayesesukuma, wakhothamela abantu balelo zwe, abantwana bakwaHeti,

UGenesise 33:3

Yena uqobo wadlulela phambi kwabo , wakhothamela emhlabathini kasikhombisa, waze wafika kumfowabo.

URuthe 2:10

Wayesewa ngobuso bakhe , wakhothamela emhlabathini , wathi kuye : Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake , lokhu ngingowezizwe, na?