Skip to Content

"wakubeka"

14 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 10:9

Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sobukhosi sakwa -Israyeli; ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube p hakade, ngalokho wakubeka inkosi ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.

1 AmaKhosi 7:51

Sekuphelile wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyawenzayo endlini kaJehova, uSolomoni wangenisa izinto uyise uDavide ay ezingcwelisile, isiliva, negolide, nezitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaJehova.

1 uSamuweli 25:18

U-Abigayili wayeseshesha , wathatha izinkwa ezingamakhulu amabili , nezimvaba ezimbili zewayini, nezimvu eziyisihlanu ezilungisiweyo, namaseya ayisihlanu otshwele , nezigaxa eziyikhulu zezithelo zomvini ezomileyo , nezigaxa ezingamakhulu amabili zamakhiwane, wakubeka ezimbongolweni.

2 AmaKhosi 5:24

Esefike egqumeni wakuthatha esandleni sazo, wakubeka endlini, wavumela abantu ukuba bahambe; basuka.

2 iziKronike 5:1

Wawusuphela-ke wonke umsebenzi uSolomoni awenzela indlu kaJehova . USolomoni wangenisa izinto ezazingcweliswe nguDavide uyise , kanye nesiliva negolide , nazo zonke izitsha , wakubeka engcebeni yendlu kaNkulunkulu.

2 iziKronike 9:8

Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sakhe sobukhosi ukuba ube yinkosi kuJehova uNkulunkulu wakho; ngokuba uNkulunkulu wakho wamthanda u -Israyeli waze wammisa kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi phezu kwabo ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.

AmaHubo 8:6

Wamenza abe ngumbusi phezu kwemisebenzi yezandla zakho ; konke wakubeka phansi kwezinyawo zakhe:

Kwabase-Efesu 1:22

wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe , wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla,

U-Eksodusi 16:34

Njengalokho uJehova emyala uMose , kanjalo u -Aroni wakubeka phambi kobuFakazi, kulondolozwe.

UGenesise 18:8

Wathatha amangqanga , nobisi, nethole abelilungisile , wakubeka phambi kwawo; wema ngakuwo phansi komuthi; adla.

UHezekeli 16:19

Nesinkwa sami engangikunike sona , impuphu ecolekileyo , namafutha, nezinyosi engangikudlise khona , wakubeka phambi kwazo , kwaba yiphunga elimnandi; kwaba njalo, isho iNkosi uJehova.

ULevitikusi 8:26

naseqomeni lezinkwa ezingenamvubelo elalisebusweni buka Jehova wathatha iqebelengwane laba linye elingenamvubelo , neqebelengwane laba linye lesinkwa samafutha, nomqathane munye, wakubeka phezu kwamanoni naphezu komlenze wokunene,

ULevitikusi 8:27

wakubeka konke ezandleni zika-Aroni, nasezandleni zamadodana akhe , wakuzulisa kwaba ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.

UNumeri 11:25

UJehova wehla ngefu , wakhuluma kuye , wathabatha okomoya ophezu kwakhe, wakubeka kumalunga angamashumi ayisikhombisa ; kwathi umoya esahlezi kuwo, aprofetha, kepha awaze akuphinda.