Skip to Content

"wakuthatha"

7 occurrences in ZUL

1 uSamuweli 2:14

ihlabe ngayo emcengezini , noma esocweni , noma ebhodweni , noma ekhanzini; konke ekwenyusayo ingwegwe, umpristi wakuthatha. Benze njalo eShilo kubo bonke abakwa-Israyeli ababefika khona.

2 AmaKhosi 5:24

Esefike egqumeni wakuthatha esandleni sazo, wakubeka endlini, wavumela abantu ukuba bahambe; basuka.

NgokukaLuka 24:43

Wakuthatha, wadla phambi kwabo.

UDuteronomi 4:20

Kepha uJehova wakuthatha, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibithe, ube ngabantu befa kuye njenganamuhla.

UJoshuwa 10:42

Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye , ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli.

UJoshuwa 11:12

Yonke imizi yalawo makhosi nawo onke amakhosi ayo uJoshuwa wakuthatha, wakuchitha ngosiko lwenkemba , wakuqothula njengokuyala kukaMose inceku kaJehova.

URuthe 2:18

Wakuthatha, wangena emzini ; uninazala wabona lokho abekukhothozile ; wakhipha, wamnika lokho akushiyile esesuthile.