Skip to Content

"walala"

35 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 19:5

Walala ubuthongo phansi konwele ; bheka, kwamthinta ingelosi, yathi kuye: Vuka udle.

1 AmaKhosi 19:6

Wabheka, nanto iqebelengwane ngasekhanda lakhe elenziwe ematsheni ashisayo, nophiso lwamanzi. Wadla, waphuza; wayesebuye walala phansi.

1 AmaKhosi 19:9

Wangena khona emhumeni , walala kh ona. Bheka, kwafika kuye izwi likaJehova; wathi kuye: Wenzani lapha, Eliya, na?

1 AmaKhosi 21:27

Kwathi u -Ahabi esezwile lawo mazwi , waklebhula izingubo zakhe , wembatha indwangu yamasak a emzimbeni wakhe , wazila ukudla , walala endwangwini yamasaka, wahambahamba kancane.

1 AmaKhosi 21:4

U-Ahabi wangena endlini yakhe ehluneme , ethukuthele ngen xa yezwi abelikhulume kuye uNaboti waseJizreyeli ; ngokuba wayeshilo ukuthi : Angiyikukunika ifa lawobaba . Walala embhedeni , waphendula ubuso, akadlanga lutho.

1 AmaKhosi 3:19

Umfana walo wesifazane wafa ebusuku, ngokuba walala phezu kwakhe.

1 uSamuweli 19:24

Naye wakhumula izingubo zakhe, waprofetha naye phambi kukaSamuweli, walala phansi enqunu lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku . Ngalokho kwathiwa: Naye uSawule uphakathi kwabaprofethi na?

1 uSamuweli 3:15

USamuweli walala kwaze kwasa , wavula iminyango yendlu kaJehova . USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono.

1 uSamuweli 3:5

Wagijimela ku -Eli, wathi: Ngilapha, njengokuba ungibizile . Wathi: Angikubizanga; buya ulale. Wahamba, walala.

1 uSamuweli 3:9

U-Eli wathi kuSamuweli : Hamba, ulale; kuyakuthi uma ekubiza , usho ukuthi: Khuluma, Jehova, ngokuba inceku yakho iyezwa . Wayesehamba uSamuweli, walala endaweni yakhe.

2 AmaKhosi 4:11

Kwathi ngelinye ilanga wafika khona , waphambukela ekamelweni, walala khona.

2 AmaKhosi 4:34

Wakhuphuka, walala phezu komntwana , wabeka umlomo wakhe phezu komlomo wakhe, namehlo akhe phezu kwamehlo akhe , nezandla zakhe phezu kwezandla zakhe ; lapho esekhothama phezu kwakhe , inyama yomntwana yafudumala.

2 uSamuweli 11:4

UDavide wathuma izithunywa , wamthatha; wangena kuye , walala naye , ngokuba wayesehlambulukile yena ekungcoleni kwakhe; wabuyela ekhaya.

2 uSamuweli 11:9

Kepha u -Uriya walala ngasemnyango wendlu yenkosi kanye nazo zonke izinceku zenkosi yakhe, akehlelanga endlini yakhe.

2 uSamuweli 12:16

UDavide wamncenga uNkulunkulu ngomntwana ; uDavide wazila ukudla , wangena, walala emhlabathini ubusuku bonke.

2 uSamuweli 12:24

UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe , wangena kuye, walala naye; wazala indodana , waqamba igama layo ngokuthi uSolomoni . UJehova wamthanda.

2 uSamuweli 13:14

Akavumanga nokho ukulalela izwi lakhe , kepha ngokuba wayenamandla kunaye, wamphoqa, walala naye.

AbAhluleli 16:3

USamsoni walala kwaze kwaba phakathi kwamabili ; wavuka phakathi kobusuku, wabamba izivalo zesango lomuzi nezinsika zombili , wazincothula kanye nomgoqo , wazibeka emahlombe akhe , wazikhuphulela esiqongweni sentaba ephambi kweHebroni. UDelila

AbAhluleli 19:7

Kepha lowo muntu wasukuma nokho ukuba ahambe ; wayesemncengisisa umukhwe wakhe, wabuye walala khona.

AbAhluleli 5:27

Wakhothama ngasezinyaweni zakhe , wawa, walala; ngasezinyaweni zakhe wafola, wawa; lapho wakhothama khona, wawela khona efile.

IzEnzo 13:36

Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola.

IzEnzo 7:60

Wayeseguqa phansi , wamemeza ngezwi elikhulu , wathi: Nkosi, ungababaleli lesi sono. Eseshilo lokho walala ubuthongo.

NgokukaLuka 8:23

Kuthe besahamba ngomkhumbi , walala ubuthongo ; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini.

NgokukaMathewu 21:17

Wayesebashiya, waphuma emzini, waya eBethaniya, walala khona. Ukuqalekiswa komkhiwane (Mark. 11:12, 20)

UGenesise 28:11

Wafika endaweni ethile , wahlala khona ubusuku bonke , ngokuba ilanga lase lishonile ; wathatha elinye lamatshe aleyondawo , walibeka phansi kwekhanda lakhe, walala kuleyo ndawo.

UGenesise 2:21

UJehova uNkulunkulu wamehlis ela umuntu ubuthongo obunzima , walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama.

UGenesise 32:13

Walala khona lobo busuku; kulokho okwakusesandleni sakhe wathathela u- Esawu umfowabo isipho:

UGenesise 34:2

UShekemi indodana kaHamori umHivi, inkosi yezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wamona.

UGenesise 35:22

Kwathi u -Israyeli esehlala kulelo zwe , uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho. Amadodana kaJakobe nokufa kuka-Isaka Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.

UGenesise 41:5

Walala ubuthongo , waphupha ngokwesibili ; bheka, kwahluma izikhwebu eziyisikhombisa ezeleni linye, zibhoxile, zizinhle.

UGenesise 9:21

Waphuza iwayini, wadakwa, walala nqunu etendeni lakhe.

UJeremiya 2:20

Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo , wazigqabula izibopho zakho , wathi: Angiyikukhonza. Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemey o naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.

UNumeri 24:9

Wabuthalala, walala phansi njengengonyama , nanjengengonyamakazi, ngubani oyakumvusa na ? Mababusiswe bonke abakubusisayo , baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.

URuthe 3:14

Walala ngasezinyaweni zakhe kwaze kwasa, wavuka bengakazani. Ngokuba yathi: Makungaziwa ukuthi owesifazane wafika esibuyeni.

URuthe 3:7

UBowazi wadla waphuza , inhliziyo yakhe yathokoza , waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele ; wafika kahle , wambula izinyawo zakhe, walala.