Skip to Content

"walungisa"

9 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 22:48

UJehoshafati walungisa imikhumbi yaseTharishishi ukuba iye e -Ofiri ukulanda igolide , kepha ayihambanga , ngokuba imikhumbi yaphuka e - Esiyoni Geberi.

1 AmaKhosi 6:19

Walungisa igumbi phakathi endlini ukuba kubekwe khona umphongolo wesivumelwano sikaJehova.

1 iziKronike 22:3

UDavide walungisa insimbi eningi yezipikili zezivalo zamasango nezokuhlanganisa, kanye nethusi eliningi elingenakulinganiswa,

2 iziKronike 27:6

UJothamu waba namandla , ngokuba walungisa izindlela zakhe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakhe.

AbAhluleli 6:19

UGideyoni wangena , walungisa izinyane lembuzi namaqebelengwane angenamvubelo e -efa lempuphu ; wayibeka inyama eqomeni , wawuthela umhluzi ekhanzini, wakukhiphela kuye phansi kwe-oki, wakunikela.

U-Eksodusi 40:33

Walungisa igceke lizungeza itabernakele ne -altare, walengisa iveli lesango legceke; kanjalo-ke uMose wawuqeda umsebenzi.

UGenesise 22:9

Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona ; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wambopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e- altare phezu kwezinkuni.

UGenesise 27:14

Wayesehamba-ke, wawathatha, wawayisa kunina; unina walungisa isilovela njengalokho akuthandayo uyise.

UmShumayeli 12:9

Futhi ngokuba uMshumayeli wayehlakaniphile , wayefundisa abantu ukwazi, wazindla, waphenya walungisa izaga eziningi.