Skip to Content

"wamakhela"

10 occurrences in ZUL

1 iziKronike 21:26

UDavide wamakhela khona uJehova i -altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula , wambiza uJehova ; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa.

1 uSamuweli 14:35

USawule wamakhela uJehova i -altare; kwakuyi-altare lokuqala amakhela lona uJehova.

1 uSamuweli 7:17

Wayebuyela eRama, ngokuba indlu yakhe yayilapho ; wahlulela u -Israyeli khona, wamakhela lapho uJehova i-altare.

2 uSamuweli 24:25

UDavide wamakhela khona uJehova i -altare, wanikela nge minikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula . UJehova wancengwa ngenxa yezwe , isifo sanqamuka kwa-Israyeli.

AbAhluleli 6:24

UGideyoni wamakhela uJehova i -altare khona , waliqamba igama lokuthi iJehova Shalomi; kuze kube namuhla lisekhona e-Ofira lama-Abiyezeri.

UGenesise 12:7

UJehova wabonakala ku -Abrama, wathi: Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho. Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.

UGenesise 12:8

Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe , iBethele lingasentshonalanga ne -Ayi lingasempumalanga ; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.

UGenesise 13:18

Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.

UGenesise 8:20

UNowa wamakhela uJehova i -altare, wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyon i ezihlambulukileyo , wanikela umnikelo wokushiswa e-altare.

UJoshuwa 8:30

Khona uJoshuwa wamakhela uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli i -altare entabeni yase-Ebali,