Skip to Content

"wamenzela"

13 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 15:27

UBahasha indodana ka -Ahiya wendlu ka -Isakare wamenzela ugobe ; uBahasha wamnqoba eGibethoni elingelamaFilisti , ngokuba uNadabi naye wonke u-Israyeli babelivimbezela iGibethoni.

1 uSamuweli 19:5

wabeka ukuphila kwakhe esandleni sakhe , wabulala umFilisti , uJehova wamenzela wonke u -Israyeli insindiso enkulu , wakubona wena, wathokoza; pho, uyakulonelani igazi elingenacala, umbulale uDavide engone lutho na?

1 uSamuweli 2:19

Futhi unina wamenzela ijazana , waliyisa kuye iminyaka ngeminyaka esenyuka nomyeni wakhe ukuyonikela ngomhlatshelo weminyaka yonke.

2 AmaKhosi 15:10

UShalumi, indodana kaJabeshi , wamenzela ugobe , wamgenca phambi kwabantu, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 AmaKhosi 15:25

UPheka, indodana kaRemaliya, induna yakhe wamenzela ugobe, wamgenca eSamariya enqabeni yendlu yenkosi kanye no-Arigobi no-Ariye; wayenabantu bakwaGileyadi abangamashumi ayisihlanu ; wambulala, waba yi nkosi esikhundleni sakhe.

2 AmaKhosi 15:30

UHosheya, indodana ka -Ela, wamenzela ugobe uPheka indodana kaRemaliya, wamgenca, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana ka-Uziya.

2 AmaKhosi 9:14

UJehu, indodana kaJehoshafati, kaNimishi, wamenzela ugobe uJoramu -- uJoramu wayelinda eRamoti Gileyadi , yena naye wonke u -Israyeli ngenxa kaHazayeli, inkosi yase-Aramu;

2 iziKronike 35:1

UJosiya wamenzela uJehova iphasika eJerusalema ; balihlaba iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.

2 uSamuweli 3:20

Wayesefika u-Abineri kuDavide eHebroni nabantu abangamashumi amabili bekanye naye. UDavide wamenzela u-Abineri nabantu ababe naye idili.

NgokukaLuka 5:29

ULevi wamenzela isidlo esikhulu endlini yakhe ; kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni.

UGenesise 37:3

Kepha u -Israyeli wathanda uJosefa kakhulu kunabantwana bakhe bonke , ngokuba wayeyindodana yobuxhegu bakhe ; wamenzela ingubo enemikhono emide.

UGenesise 39:21

Kepha uJehova wayenaye uJosefa , wamupha umusa , wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo.

UGenesise 50:10

Baya, bafika eGoreni Hathadi elingaphesheya kweJordani ; lapho bakhala nokukhala impela , okunzima kakhulu ; wamenzela uyise isililo izinsuku eziyisikhombisa.