Skip to Content

"wamisa"

54 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 16:34

Ezinsukwini zakhe uHiyeli waseBethele wabuye wakha iJeriko ; wabeka isisekelo salo ngokulahlekelwa ngu-Abiramu izibulo lakhe, wamisa amasango alo ngokulahlekelwa yithunjana lakhe uSegubi , njengezwi likaJehova owalikhuluma ngesandla sikaJoshuwa indodana kaNuni.

1 iziKronike 18:13

Wamisa amakhanda kwa -Edomi; bonke abakwa -Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona. Izinduna zikaDavide

1 iziKronike 18:6

UDavide wamisa amakhanda e -Aramu laseDamaseku ; ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

1 uSamuweli 11:1

Kwenyuka uNahashi wakwa-Amoni, wamisa eJabeshi Gileyadi ; bonke abantu baseJabeshi bathi kuNahashi : Yenza isivumelwano nathi , siyakukukhonza.

1 uSamuweli 26:3

USawule wamisa entabeni yaseHakhila engaphambi kwehlane ngasendleleni. Kepha uDavide wahlala ehlane, wabona ukuthi uSawule uyamlandela ehlane.

1 uSamuweli 28:4

AmaFilisti abuthana afika , amisa eShunemi ; uSawule wabutha wonke u- Israyeli, wamisa eGilibowa.

1 uSamuweli 30:25

Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili ; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.

1 uSamuweli 4:1

Izwi likaSamuweli lafika kuye won ke u -Israyeli. U-Israyeli waphuma ukulwa namaFilisti, wamisa ngase-Ebeni Ezeri; amaFilisti amisa e-Afeki.

2 AmaKhosi 21:6

Wadabulisa indodana yakhe emlilweni , wahlola imihlola, wenza imilingo, wamisa abanamadlozi , nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

2 AmaKhosi 25:1

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe , ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga , uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke.

2 iziKronike 16:5

Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho , wayeka ukwakha iRama, wamisa umsebenzi wakhe.

2 iziKronike 19:5

Wamisa abahluleli ezweni emizini yonke ebiyelweyo yakwaJuda , imizi ngemizi, wathi kubahluleli:

2 iziKronike 19:8

Futhi uJehoshafati wamisa eJerusalema kumaLevi nakubapristi nasezinhlokweni zawoyise bakwa -Israyeli abokwahlulela kuka Jehova nabombango. Sebebuyela eJerusalema,

2 iziKronike 20:21

Eselulekene nabantu wamisa abayakuhlabelela kuJehova ukuba bamdumise behlotshisiwe ngobungcwele , besaphuma ngaphambi kwempi , bathi: Bongani uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade.

2 iziKronike 23:10

Wamisa abantu bonke , kwaba yilowo nalowo enesikhali sakhe esandleni sakhe, kusukela ohlangothini lokunene lwendlu kuze kube sohlangothini lwesokhohlo lwendlu, ngase-altare nasendlini nxazonke zenkosi.

2 iziKronike 23:18

UJehoyada wamisa ababonisi bendlu kaJehova ngesandla sabapristi bamaLevi uDavide abahlukanisile endlini kaJehova bokunikela ngeminike lo yokushiswa kuJehova njengokulotshiweyo emthethweni kaMose , ngentokozo nangokuhlabelela, njengokuhlela kukaDavide.

2 iziKronike 23:19

Wamisa abalindisango emasangweni endlu kaJehova ukuba kungangeni ongcolile noma ngantoni.

2 iziKronike 2:18

Kubona wamisa izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa ukuba bathwale imithwalo , nezinkulungwane ezingama shumi ayisishiyagalombili ukuba babe ngababazi ezintabeni , nezinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha ukuba babe ngababonisi bokusebenzisa abantu.

2 iziKronike 31:2

UHezekiya wamisa izigaba zabapristi nezamaLevi ngezigaba zabo , kwaba yilowo nalowo njengenkonzo yakhe , abapristi namaLevi beminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula, ukuba bakhonze , babonge, badumise emasangweni ekamu likaJehova,

2 iziKronike 32:1

Emva kwalezo zinto naleso sibonelo sokuthembeka kwafika uSaneheribi inkosi yase -Asiriya, wangena kwaJuda , wamisa malungana nemizi ebiyelweyo, wathi uyakuzifohlela yona.

2 iziKronike 33:6

Wadabulisa abantwana bakhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu , wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

2 iziKronike 35:2

Wamisa abapristi ezikhundleni zabo , wabaqinisa emsebenzini wendlu kaJehova.

2 iziKronike 8:14

Wamisa njengomthetho kaDavide uyise izigaba zabapristi enkonzweni yabo, namaLevi ezikhundl eni zawo ukuba adumise , akhonze phambi kwabapristi njengokudingekayo imihla ngemihla , nabalindisango ngezigaba zabo emasangweni ngamasango , ngokuba uDavide umuntu kaNkulunkulu wayeyale kanjalo.

2 uSamuweli 8:14

Wamisa amakhanda kwa -Edomi; kulo lonke lakwa -Edomi wamisa amakhanda, nabo bonke abakwa-Edomi baba yizinceku zikaDavide. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.

2 uSamuweli 8:6

UDavide wamisa amakhanda e -Aramu laseDamaseku , ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaph i lapho eya khona.

AbAhluleli 11:18

Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi , wamisa ngaphesheya kwe - Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi , ngokuba i - Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.

AbAhluleli 11:20

Kodwa uSihoni akamethembanga u -Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe; kepha uSihoni wabutha bonke abantu bak he, wamisa eJahasi, walwa no-Israyeli.

AbAhluleli 4:11

Kepha uHebere umKheni wayezahlukanisile namaKheni , abantwana bakwaHobabi umukhwe kaMose, wamisa itende lakhe kwaze kwaba se -okini laseShananimi eliseduze neKedeshi. UBaraki uyanqoba uSisera

AbAhluleli 9:50

U-Abimeleki wayeseya eThebesi, wamisa malungana neThebesi, walithatha.

AmaHubo 119:90

Ezizukulwaneni ngezizukulwane ukuthembeka kwakho kukhona ; wamisa umhlaba; usemi.

AmaHubo 40:2

Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi , wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami.

AmaHubo 78:13

Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa; wamisa amanzi njengodonga.

AmaHubo 78:5

Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe , wabeka umthetho kwa -Israyeli, ayala ngawo obaba ukuba bafundise abantwana babo,

IzAga 3:19

UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha ; wamisa amazulu ngokuqonda.

IzEnzo 17:26

wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bonke bomhlaba, wamisa izikhathi ezinqunyiweyo nemikhawulo yokuhlala kwazo,

KumaHeberu 11:28

Ngokukholwa wamisa iPhasika nokufafaza ngegazi , ukuze umbhubhisi angathinti amazibulo abo.

NgokukaMarku 3:14

Wamisa abayishumi nambili ukuba babe naye nokuba abathume baye kushumayela,

U-Eksodusi 40:18

UMose walimisa itabernakele, wabeka izinyawo zalo, wamisa amapulangwe alo, wafaka imishayo yalo, wamisa izinsika zalo.

U-Eksodusi 40:21

Wangenisa umphongolo etabernakele , wamisa isihenqo seveli , wahenqela umphongolo wobufakazi, njengalokho uJehova emyalile uMose.

UDaniyeli 6:2

Phezu kwazo wamisa abongameli abathathu , uDaniyeli engomunye wabo , ukuba izikhulu zibike kubo, ukuze inkosi ingalimali ngalutho.

UDuteronomi 32:8

Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo, lapho wahlukanisa abantwana babantu, wamisa imikhawulo yezizw e njengokomumo wa bantwana bakwa - Israyeli.

UGenesise 12:8

Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe , iBethele lingasentshonalanga ne -Ayi lingasempumalanga ; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova.

UGenesise 13:12

U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani ; uLoti wahlala emizini yasethafeni , wamisa itende lakhe ngaseSodoma.

UGenesise 26:25

Wakha khona i -altare, wakhuleka egameni likaJehova , wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona. Isivumelwano sika-Isaka no-Abimeleki

UGenesise 30:36

Wamisa ibanga lezinsuku ezintathu phakathi kwakhe noJakobe ; uJakobe walusa imihlambi eseleyo kaLabani.

UGenesise 33:18

UJakobe wafika kahle emzini waseShekemi osezweni laseKhanani , evela ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.

UGenesise 35:20

UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe , eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.

UGenesise 35:21

U-Israyeli wasuka, wamisa itende lakhe ngaphambi kombhoshongo wase - Edere.

UJeremiya 52:4

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga , kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe , eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.

UJoshuwa 10:31

UJoshuwa wasuka eLi bina nabo bonke abakwa -Israyeli benaye , waya eLakishi, wamisa malungana nalo, walwa nalo;

UJoshuwa 4:9

UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi neJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zazimi khona; akhona kuze kube namuhla.

UJoshuwa 8:29

Inkosi yase -Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa ; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini , basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi , wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla. I-altare entabeni yase-Ebali

UNehemiya 3:14

ISango Lomquba lalungiswa nguMalikhiya , indodana kaRekabi , umbusi wesifunda saseBeti Hakeremi ; walakha, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.

UNehemiya 3:15

ISango Lomthombo lalungiswa nguShaluni, indodana kaKholi Hoze, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walifulela, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo , nogange lwaseChibini laseShela ngasensimini yenkosi , kwaze kwaba sezikhwelweni ezehla emzini kaDavide.