Skip to Content

"wamshaya"

22 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 16:10

uZimri wangena , wamshaya, wambulala ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ka-Asa inkosi yakwaJuda, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 AmaKhosi 20:37

Wayesefumana omunye umuntu , wathi: Ake ungishaye . Lowo muntu wamshaya; wamshaya, wamlimaza.

1 AmaKhosi 22:24

USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela , wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: UMoya kaJehova wasuka kimi ngaph i ukuba akhulume kuwe na?

1 iziKronike 13:10

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u -Uza, wamshaya, ngokuba welulela isandla emphongolweni; wafela khona lapho phambi kukaNkulunkulu.

1 uSamuweli 17:49

UDavide wafaka isandla sakhe esikhwameni sakhe , wakhipha khona itshe , waliphonsa, wamshaya umFilisti ebunzini , itshe lashona ebunzini , wawela phansi ngobuso.

1 uSamuweli 17:50

UDavide wamahlula umFilisti ngendwayimana nangetshe , wamshaya umFilisti, wambulala; kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.

1 uSamuweli 25:38

Kwathi emva kwezinsuku eziyishumi uJehova wamshaya uNabali, wafa.

2 AmaKhosi 25:25

Kepha kwathi ngenyanga yesikhombisa wafika u -Ishmayeli indodana kaNethaniya ka -Elishama wozalo lwenkosi , abantu abayishumi benaye , wamshaya uGedaliya waze wafa , kanye nabaJuda namaKaledi ayenaye eMispa.

2 iziKronike 13:20

Futhi uJerobowamu akabe esaba namandla emihleni ka -Abiya; uJehova wamshaya, wafa.

2 iziKronike 18:23

USedekiya indodana kaKhenahana wayesesondela , wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: UMoya kaJehova wasuka kimi ngaphi ukuba akhulume kuwe na?

2 iziKronike 21:18

Emva kwakho konke lokho uJehova wamshaya ezibilinini zakhe ngesifo esingenakwelashwa.

2 uSamuweli 10:18

Ama-Aramu abaleka phambi kuka -Israyeli; uDavide wabulala kuma -Aramu izinqola ezingamakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amane , wamshaya uShobaki induna yempi yabo , wafela khona lapho.

2 uSamuweli 21:17

Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza , wamshaya umFi listi wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide , bathi: Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.

2 uSamuweli 6:7

Intukuthelo kaJehova yamvuthela u -Uza, uNkulunkulu wamshaya lapho ngenxa yesiphosiso sakhe; wafela khona ngasemphongolweni kaNkulunkulu.

2 uSamuweli 8:3

UDavide wamshaya uHadadezeri indodana kaRehobe , inkosi yaseSoba , ekuhambeni kwakhe ukubuyisa umbuso wakhe ngasemfuleni.

AbAhluleli 5:26

Wafaka isandla sakh e esikhonkwaneni, esokunene sakhe esandweni sezisebenzi; ngesando wamshaya uSisera , wadebeza ikhanda lakhe , yebo, wamgqobhoza, wambhoboza esikhaleni sendlebe.

NgokukaJohane 19:1

UPilatu wayesemthatha uJesu, wamshaya.

NgokukaMarku 15:15

Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba , kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.

NgokukaMathewu 27:26

Wayesebakhululela uBaraba , kepha wamshaya uJesu , wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.

UGenesise 12:17

Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.

UJeremiya 20:2

UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.

UJobe 2:7

Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova , wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.