Skip to Content

"wamuka"

44 occurrences in ZUL

1 iziKronike 6:15

kepha uJehosadaki wamuka lapho uJehova ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukadinesari.

1 uSamuweli 16:14

UMoya kaJehova wamuka kuSawule , nomoya omubi owavela kuJehova wamzuma.

1 uSamuweli 16:23

Kwathi nxa umoya owavela kuNkulunkulu emehlela uSawule, uDavide wathatha ihabhu , walibetha ngesandla sakhe ; wayesekhululeka uSawule , waba ngcono, umoya omubi wamuka kuye.

2 iziKronike 21:20

Wayeneminyaka engamashumi amathathu nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyisihiyagalombili eJerusalema , wamuka engakhalelwanga muntu ; bammbela emzini kaDavide , kepha kungesemathuneni amakhosi.

2 uSamuweli 13:19

UTamari wayesezithela ngomlotha ekhanda , wayiklebhula ingubo yakhe enemibala owayeyigqokile , wathwala izandla ekhanda , wamuka, ehamba ekliwula.

AbAhluleli 17:8

Lowo muntu wamuka emzini, iBetlehema Juda, ukuyobona lapho engathola khona indawo ; ekuhambeni kwakhe wafika ezintabeni zakwa -Efrayimi endlini kaMika.

IsAmbulo 12:17

Udrako wamthukuthelela owesifazane , wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe , labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:6

Ngamvulela-ke othandiweyo wami , kepha othandiweyo wami ubephendukile, wamuka; umphefumulo wami wawuphela ngokukhuluma kwakhe, ngamfuna, kepha angamthola; ngambiza, kodwa akaphendula.

IzEnzo 14:20

Kepha kwathi abafundi bembunganyele , wavuka, wangena emzini . Ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe.

IzEnzo 18:1

Emva kwalokho wamuka e-Athene, wafika eKorinte.

IzEnzo 18:18

Kepha uPawulu esehlale khona izinsuku eziningi , wavalelisa kubazalwane, wamuka ngomkhumbi, waya eSiriya kanye noPrisila no -Akwila, esegundile ikhanda lakhe eKenikreya; ngokuba wayezibophe ngesifungo.

IzEnzo 18:23

Esehlale khona isikhathi esithile wamuka wadabula izwe laseGalathiya nelaseFrigiya ngokulandelana, eqinisa bonke abafundi.

IzEnzo 20:1

Sesiphelile isiyaluyalu , uPawulu wababiza abafundi , wabavuselela, wavalelisa, wamuka waya eMakedoniya.

NgokukaJohane 10:40

Waphinda wamuka , waya phesheya kweJordani kuleyo ndawo lapho uJohane waqala ukubhapathiza khona, wahlala lapho.

NgokukaJohane 11:28

Eseshilo lokho wamuka wabiza uMariya udadewabo ngasese , wathi: UMfundisi ukhona, uyakubiza.

NgokukaJohane 11:54

Ngakho uJesu kabuyange esahamba obala phakathi kwabaJuda , kepha wamuka lapho , waya ezweni eliseduze nehlane emzini othiwa i -Efrayimi; wahlala khona nabafundi bakhe.

NgokukaJohane 12:36

Nise nokukhanya kholwani ngukukhanya , ukuze nibe ngabantwana bokukhanya. Washo lokho uJesu, wamuka, wasithela kubo. Ukwahlulelwa kwabaJuda ngokungakholwa kwabo

NgokukaJohane 5:15

Wamuka lowo muntu, watshela abaJuda ukuthi nguJesu omphilisileyo.

NgokukaJohane 6:1

Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya.

NgokukaLuka 1:23

Kwathi seziphelile izinsuku zokukhonza kwakhe, wamuka waya ekhaya.

NgokukaLuka 24:12

Khona uPetru wasuka , wagijimela ethuneni , wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo. Abafundi abaya e-Emawuse

NgokukaLuka 4:13

USathane eseqede ukulinga konke wamuka kuye isikhathi. UJesu udelelwa ngabaseNazaretha (Math. 13:53; Mark. 6:1)

NgokukaLuka 4:30

Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka. Ukuphiliswa kweziguli eKapernawume (Mark. 1:23; Math. 8:14)

NgokukaLuka 5:25

Wasukuma khona lapho phambi kwabo , wathabatha lokho abelele kukho, wamuka waya endlini yakhe emdumisa uNkulunkulu.

NgokukaLuka 8:39

Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona. Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Math. 9:18; Mark. 5:21)

NgokukaLuka 9:10

Abaphostoli sebebuyile ba mlandisa konke abakwenzileyo ; wabathatha, wamuka nabo bebodwa ukuya emzini othiwa iBetsayida.

NgokukaMarku 10:22

Kepha wanyukumala ngalelo zwi , wamuka edabukile , ngokuba wayenengcebo enkulu.

NgokukaMarku 5:20

Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Math. 9:18; Luk. 8:40)

NgokukaMarku 6:1

Khona wamuka lapho, waya ezweni lakubo; abafundi bakhe bamlandela.

NgokukaMarku 8:13

Wabashiya, wabuye wangena emkhunjini, wamuka, waya ngaphesheya.

NgokukaMathewu 11:1

Kwathi ukuba uJesu aqede ukuyala abafundi bakhe abayishumi nambili , wamuka lapho ukuyofundisa nokushumayela emizini yabo. Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu (Luk. 7:18)

NgokukaMathewu 12:15

Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho . Bamlandela abaningi , wabaphulukisa bonke.

NgokukaMathewu 12:9

Wamuka lapho, wangena esinagogeni labo.

NgokukaMathewu 13:53

Kwathi uJesu eseqedile leyo mifanekiso, wamuka lapho.

NgokukaMathewu 14:13

Wathi uJesu esekuzwile lokho , wamuka lapho ngomkhumbi , waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile , zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.

NgokukaMathewu 15:21

UJesu ephuma lapho wamuka, waya emaphandleni aseTire naseSidoni.

NgokukaMathewu 16:4

Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso , kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi . Wabashiya, wamuka.

NgokukaMathewu 19:1

Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi , wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani.

NgokukaMathewu 19:15

Wayesebeka izandla phezu kwabo; wamuka lapho. Insizwa enothileyo (Mark. 10:17; Luk. 18:18)

NgokukaMathewu 25:15

enye wayinika amatalenta ayisihlanu , enye aba mabili , enye laba linye , kwaba yileyo naleyo njengamandla ayo; wamuka-ke.

NgokukaMathewu 27:5

Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka.

NgokukaMathewu 2:14

Wavuka-ke, wathabatha umntwana nonina ebusuku , wamuka waya eGibithe,

NgokukaMathewu 2:22

Kepha ezwa ukuthi sekubusa u -Arkelawu eJudiya esikhundleni sikaHerode uyise, wesaba ukuya khona; eseyaliwe nguNkulunkulu ngephupho wamuka waya kwelaseGalile;

NgokukaMathewu 4:12

Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile.