Skip to Content

"wamyala"

13 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 11:10

wamyala ngale nto yokuthi akayikulandela abanye onkulunkulu ; kepha akagcinanga lokho uJehova amyale ngakho.

1 iziKronike 22:6

Wayesebiza uSolomoni indodana yakhe , wamyala ukumakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.

NgokukaLuka 5:14

Wamyala ukuba angatsheli muntu , wathi: Kepha suka , uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.

U-Esteri 4:5

U-Esteri wayesebiza uHathaki wezinduna zenkosi eyayimmisile ukuba amkhonze, wamyala ukuba aye kuMoridekayi , ukuze akwazi ukuthi kuyini nokuthi kungani na?

UDuteronomi 31:23

Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni , wathi: Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa -Israyeli ezweni engalifungela bona ; mina ngiyakuba nawe.

UGenesise 28:1

U-Isaka wambiz a uJakobe , wambusisa, wamyala, wathi kuye : Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani.

UGenesise 28:6

U-Esawu ebona ukuthi u -Isaka umbusisile uJakobe , wamthuma ePhadani Aramu ukuyothatha khona umfazi , nokuthi lapho embusisa wamyala wathi : Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani,

UGenesise 2:16

UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho,

UGenesise 32:17

Wamyala ophambili, wathi: Nxa u -Esawu umfowethu ehlangana nawe , ekubuza ethi: Ungokabani wena? Uyangaphi na? Ngezikabani lezi eziphambi kwakho na?

UJeremiya 36:5

UJeremiya wamyala uBaruki ngokuthi: Ngivalelwe, anginakungena endlini kaJehova.

UJeremiya 39:11

UNebukadinesari, inkosi yaseBabele , wamyala uNebuzaradani , induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:

UJoshuwa 11:15

Njengalokho uJehova ebemyalile uMose inceku yakhe , kanjalo uMose wamyala uJoshuwa ; noJoshuwa wenze njalo ; akayekanga into ney odwa kukho konke uJehova amyala ngakho uMose. Ukubukezwa kwendaba yokunqoba iKhanani

UJoshuwa 17:4

Asondela phambi kuka -Eleyazare umpristi , naphambi kukaJoshuwa indodana kaNuni , naphambi kwezikhulu , athi: UJehova wamyala uMose ukuba asinike ifa phakathi kwabafowethu. Wayesewanika ifa phakathi kwabafowabo bakayise njengesiyalezo sikaJehova.