Skip to Content

"wanginika"

8 occurrences in ZUL

KwabaseGalathiya 2:8

ngokuba yena owanika uPetru amandla ukuba abe ngumphostoli wabasokayo wanginika nami amandla ukuba ngibe ngumphostoli wabezizwe,

NgokukaMathewu 25:20

Weza obamukele amatalent a ayisihlanu , waletha amanye amatalenta ayisihlanu, wathi: Nkosi, wanginika amatalenta ayisihlanu; bheka, ngizuze amanye amatalenta ayisihlanu.

NgokukaMathewu 25:22

Weza nobamukele amatalenta amabili, wathi: Nkosi, wanginika amatalenta amabili; bheka, ngizuze amanye amatalenta amabili.

UDuteronomi 10:4

Waloba ezibhebheni njengokulotshwa kokuqala imiyalelo eyishumi uJehova ayikhulumayo kini entabeni , ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana ; uJehova wanginika zona.

UDuteronomi 4:14

UJehova wanginika ngaleso sikhathi uku nifundisa izimiso nezahlulelo ukuba nizenze ezweni eningena kulo ukulidla.

UDuteronomi 5:22

Lawo mazwi uJehova wawakhuluma kuyo yonke inhlangano yenu entabeni, evela phakathi komlilo , nefu, nesigayegaye, ngezwi eli khulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe , wanginika zona.

UDuteronomi 9:10

UJehova wanginika lezo zibhebhe ezimbili zamatshe , zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu; kwakulotshwe k uzona njengamazwi onke uJehova awakhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana.

UDuteronomi 9:11

Kwathi ngasekupheleni kwezinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane uJehova wanginika izibhebhe zombili z amatshe, izibhebhe zesivumelwano.