"wangiyisa"
6 occurrences in ZUL
UMoya wangiphakamisa , wangiyisa esangweni lendlu kaJehova lasempumalanga, elibhekene nempumalanga; bheka, ngasesivalweni sesango kwakukhona amadoda angamashumi amabi li nanhlanu ; ngabona phakathi kwawo uJahazaniya indodana ka -Azuri noPhelathiya indodana kaBenaya , izikhulu zabantu.
UMoya wayesengiphakamisa, wangiyisa ngombono ngoMoya kaNkulunkulu eKalideya kubathunjwa. Wase wenyuka kimi umbono engiwubonileyo.
Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu, wokuthunjwa kwethu ekuqaleni komnyaka, ngolweshumi lwenyanga , ngomnyaka weshumi nane , emva kokunqotshwa komuzi , ngalona lolo suku , isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wangiyisa khona.
Ngemibono kaNkulunkulu wangiyisa ezweni lakwa -Israyeli, wangibeka entabeni ephakeme kakhulu, okwakuphezu kwayo kungathi isakhiwo somuzi ngaseningizimu.
Wangiyisa khona ; bheka, umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi , ephethe intambo yefilakisi esandleni sakhe , nohlanga lokulinganisa, wayemi esangweni.
Wayeselula kungathi isandla , wangibamba ngesihluthu sekhanda lami ; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu , wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema esivalweni sesango legceke elingaphakathi elibheke ngasenyakatho , lapho kwakukho na isihlalo sesithombe somhawu , esibanga umhawu.