Skip to Content

"waqala"

56 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 15:25

UNadabi indodana kaJerobowamu waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli ngomnyaka wesibili ka -Asa inkosi yakwaJuda , wabusa phezu kuka -Israyeli iminyaka emibili.

1 AmaKhosi 15:33

Ngomnyaka wesithathu ka -Asa inkosi yakwaJuda uBahasha indodana ka - Ahiya waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli wonke eTirisa , wabusa iminyaka engamashumi amabili nane.

1 AmaKhosi 15:9

Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu , inkosi yakwa -Israyeli, u- Asa waqala ukubusa phezu kukaJuda.

1 AmaKhosi 16:29

U-Ahabi, indodana ka -Omri, waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli ngomnyaka wamashumi amathathu nesi shiyagalombili ka -Asa; u-Ahabi, indodana ka -Omri, wabusa phezu kuka -Israyeli eSamariya iminyaka engamashumi amabili nambili.

1 AmaKhosi 16:8

Ngomnyaka wamashumi amabili nesithupha ka -Asa, inkosi yakwaJuda , u- Ela, indodana kaBahash a, waqala ukubusa phezu kuka -Israyeli eTirisa , wabusa iminyaka emibili.

1 AmaKhosi 22:41

UJehoshafati indodana ka -Asa waqala ukubusa kwaJuda ngomnyaka wesine ka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli.

1 AmaKhosi 22:51

U-Ahaziya indodana ka -Ahabi waqala ukubusa kwa -Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesikhombisa kaJehoshafati inkosi yakwaJuda , wabusa iminyaka emibili kwa-Israyeli.

1 AmaKhosi 6:1

Kwathi ngomnyaka wamakhulu a mane namashumi ayisishiyagalombili emva kokuphuma kwabantwana bakwa -Israyeli ezweni laseGibithe , ngomnyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaJehova.

1 iziKronike 1:10

UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.

1 iziKronike 27:24

UJowabe indodana kaSe ruya waqala ukubala , kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.

2 AmaKhosi 10:32

Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukunqinda elakwa -Israyeli; uHazayeli wabachitha emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli,

2 AmaKhosi 15:37

Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukuthuma kuJuda uResini , inkosi yase- Aramu noPheka indodana kaRemaliya.

2 AmaKhosi 1:17

Yayisifa njengezwi likaJehova alikhulum ileyo u-Eliya. UJehoramu waqala ukubusa esikhundleni sakhe ngomnyaka wesibili kaJehoramu indodana kaJehoshafati, inkosi yakwaJuda, ngokuba wayengenandodana.

2 iziKronike 13:3

U-Abiya waqala ukulwa enempi yamaqhawe anamandla , abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu amane , kepha uJerobowamu wahlela ukulwa naye enabantu abakhethiweyo abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili , bengamaqhawe anamandla.

2 iziKronike 29:1

UHezekiya waqala ukubusa eneminyaka engamashumi amabili nanhlanu , wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema ; igama likanina lalingu-Abiya indodakazi kaZakariya.

2 iziKronike 34:3

Ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana waqal a ukufuna uNkulunkulu kaDavide uyise ; ngomnyaka weshumi nambili waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema , wasusa izindawo eziphakemeyo , nawo- Ashera, nezithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.

2 iziKronike 3:2

Waqala ukwakha ngolwesibili lwenyanga yesibili ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe.

AbAhluleli 13:25

UMoya kaJehova waqala ukumqhuba eMahane Dani phakathi kweSora ne - Eshitawoli.

AbAhluleli 16:19

Wamlalisa ubuthongo emathangeni akhe , wabiza umuntu , waphucula amagoda ayisikhombisa ekhanda lakhe ; waqala ukumhlupha, amandla akhe amuka kuye.

IzEnzo 18:26

yena waqala ukushumayela ngesibindi esinagogeni . Kwathi ukuba bamuzwe o-Akwila noPrisila, bamthatha bamchasisela indlela kaNkulunkulu ngesineke esikhulu.

IzEnzo 24:2

Yena esebiziwe, uTertulu waqala ukumbeka icala, ethi: Lokho ukuthi ngenxa yakho sitholile ukuthula okukhulu nangokubonelela kwakho lesi sizwe senzelwe okuhle okuningi

IzEnzo 27:35

Eseshilo lokho wathatha isinkwa , wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla.

NgokukaJohane 10:40

Waphinda wamuka , waya phesheya kweJordani kuleyo ndawo lapho uJohane waqala ukubhapathiza khona, wahlala lapho.

NgokukaJohane 13:5

Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini , waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.

NgokukaLuka 11:29

Sekubuthana kuye izixuku , waqala ukukhuluma , wathi: Lesi sizukulwane siyisizukulwane esibi; sifuna isibonakaliso, kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona.

NgokukaLuka 12:1

Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.

NgokukaLuka 14:30

bathi: Lo muntu waqala kabanga namandla okuqeda.

NgokukaLuka 19:45

Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo,

NgokukaLuka 4:21

Waqala ukukhuluma kubo , ethi: Namhlanje ugcwalisekile lo mbhalo ezindlebeni zenu.

NgokukaLuka 7:15

Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina.

NgokukaLuka 7:38

wema emuva ngasezinyaweni zakhe ekhala , waqala ukumatisa izinyawo zakhe ngezinyembezi , wazesula ngezinwele zekhanda lakhe , wazanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha.

NgokukaMarku 10:32

Babesendleleni bekhuphukela eJerusalema ; uJesu wayehamba phambi kwabo; ababelandela babethukile , besaba. Wayesethatha futhi abayishumi nambili, waqala ukubatshela okuzakumehlela, ethi:

NgokukaMarku 10:47

Wathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha , waqala ukumemeza ethi: Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!

NgokukaMarku 11:15

Bafika eJerusalema. Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini , wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba;

NgokukaMarku 13:5

Khona uJesu waqala ukukhuluma kubo , ethi: Qaphelani ningadukiswa muntu.

NgokukaMarku 14:33

Wathatha oPetru noJakobe noJohane, waqala ukuba novalo nosizi.

NgokukaMarku 1:45

Kepha yena esephumile waqala ukuyandisa kakhulu nokuyidumisa le ndaba, ngangokuba uJesu wayengasenakungena emzini obala ; wayesehlala ngaphandle ezindaweni eziyihlane; beza kuye bevela nxazonke.

NgokukaMarku 4:1

Khona wabuye waqala ukufundisa ngaselwandle . Kwabuthana kuye isixuku esikhulu kakhulu , waze wangena emkhunjini , wahlala elwandle ; isixuku sonke sasisemhlabathini ngaselwandle.

NgokukaMarku 4:37

Kwase kuvuka isivunguvungu esikhulu somoya , amaza aphonseka phakathi emkhunjini, umkhumbi waze waqala ukugcwala.

NgokukaMarku 5:20

Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke. Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni (Math. 9:18; Luk. 8:40)

NgokukaMarku 6:2

Sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni . Abaningi abamuzwayo bamangala bathi: Lo ukuthathaphi lokhu na? Ukuhlakanipha kuni akunikiwe lona na? Nemisebenzi yamandla enje yenziwe ngezandla zakhe na?

NgokukaMarku 6:34

Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.

NgokukaMarku 6:7

Wayesebabiza abayishumi nambili , waqala ukubathuma ngababili , wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo.

NgokukaMarku 8:31

Khona waqala ukubafundisa ukuthi iNdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi , ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe emva kwezinsuku ezintathu.

NgokukaMarku 8:32

Leli zwi walikhuluma ngokusobala. UPetru wamthatha, waqala ukumkhuza.

NgokukaMathewu 11:7

Kepha sebemuka laba , uJesu waqala ukukhuluma ezixukwini ngoJ ohane, wathi: Naphuma naya ehlane ukuyobonani na ? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?

NgokukaMathewu 16:21

Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuba umelwe ukuya eJerusalema, ahlushwe ngokuningi ngamalunga nangabapristi abakhulu nababhali, abulawe, kepha avuswe ngosuku lwesithathu.

NgokukaMathewu 16:22

UPetru wayesemthatha, waqala ukumkhuza , wathi: Musa, Nkosi, lokho akusoze kwenziwa kuwe.

NgokukaMathewu 26:37

Wathatha uPetru namadodana amabili kaZebedewu , waqala ukuba nomunyu nosizi.

NgokukaMathewu 26:74

Khona waqala ukuthuka nokufunga , wathi: Angimazi lowo muntu . Masinyane lase likhala iqhude.

NgokukaMathewu 4:17

Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi : Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.

U-Ezra 7:9

Ngokuba ngolokuqala lwenyanga yokuqala waqala ukukhuphuka eBabele; ngolokuqala lwenyanga yesihlanu wafika eJer usalema ngokwesandla esihle sikaNkulunkulu wakhe esasiphezu kwakhe,

UDuteronomi 1:5

Ngaphesheya kweJordani ezweni lakwaMowabi uMose waqala ukuchasisela lo mthetho ngokuthi:

UGenesise 10:8

UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni.

UGenesise 9:20

UNowa waqala waba ngumlimi, watshala isivini.

UJona 3:4

UJona waqala ukungena emzini , uhambo losuku lwaba lunye , wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.