"wathukuthela"
15 occurrences in ZUL
Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi , ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami . USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.
USawule wathukuthela kakhulu , laba libi lelo zwi emehlweni akhe ; wathi: Bamnike uDavide izinkulungwane eziyishumi , kepha mina banginike izinkulungwane nje; sekumsalele umbuso kuphela.
Kepha uNahamani wathukuthela , wahamba, wathi: Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphumela kimi, eme abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphilise onochoko.
U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka -Ishi Bosheti , wathi: Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na ? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa , abafowabo nabangane bayo , angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane.
Ngalokho uJehova ekuzwa lokho wathukuthela, kwavutha u mlilo ngoJakobe, ulaka lwavuka ngo-Israyeli;
UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wamlahla impela u-Israyeli.
Isibuyile inceku yabika lokho enkosini yayo . Khona umninindlu wathukuthela, wathi encekwini yakhe : Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi , ungenise lapha abampofu , nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga.
Kodwa uJesu ekubona wathukuthela , wathi kubo : Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.
Khona uHerode , esebonile ukuthi izazi zimphambile , wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona , abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi.
Wahlangabeza labo ababethokoza ng okwenza ukulunga , labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho. Wena wathukuthela, thina sona; sahlala kukho nasendulo; siyakusindiswa na?
UJehova wezwa izwi lokukhuluma kwenu, wathukuthela, wafunga wathi:
UJakobe wathukuthela , wamsola uLabani ; uJakobe waphendula , wathi kuLabani: Yisiphi isiphambeko sami na ? Yisiphi isono sami , lokhu ungizingele kangaka, na?
Kepha lokho kwaba kubi kakhulu kuJona, wathukuthela.
Kepha kwathi lapho uSanibalati esezwile ukuthi sabe siluv usa ugange , wathukuthela, wavutha ulaka, waklolodela abaJuda.
UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: Unganaki umnikelo wabo; angithathanga nayinye imbongolo kubo, futhi angilimazanga namunye kubo.