Skip to Content

"wawobaba"

10 occurrences in ZUL

1 iziKronike 12:17

UDavide waphuma ukubahlangabeza , wathatha, wathi kubo : Uma nize nokuthula kimi ukungisiza, inhliziyo yami iyakuba nye nani , kepha uma kungukungikhohlisa ezitheni zami , lokhu kungekho okubi ezandleni zami , uNkulunkulu wawobaba makakubheke, akujezise.

2 iziKronike 20:6

wathi: Jehova Nkulunkulu wawobaba , wena awusiye uNkulunkulu ezulwini, awusiye umbusi wemibuso yonke yabezizwe , na? Esandleni sakho kukhona amandla negunya, akakho ongamelana nawe.

IzEnzo 22:14

Wayesethi: U Nkulunkulu wawobaba wakumisela ngaphambili ukuyazi intando yakhe, nokumbona oLungileyo, nokulizwa izwi eliphuma emlonyeni wakhe,

IzEnzo 22:3

Mina ngiyindoda engumJuda , ngazalwa eTarsu laseKhilikhiya , kodwa ngakhulela kulo muzi, ngafundiswa ngasezinyaweni zikaGamaliyeli ngesineke ngomthetho wawobaba, ngashisekela uNkulunkulu njengokuba nonke ninjalo namuhla;

IzEnzo 24:14

Kepha ngiyavuma lokhu kuwe ukuthi ngeNdlela abathi iyihlelo ngiyamkhonza ngokunjalo uNkulunkulu wawobaba , ngikholwa yikho konke okulotshiwe emthethweni nakubaprofethi;

IzEnzo 3:13

UNkulunkulu ka -Abrahama noka -Isaka nokaJakobe , uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela , nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula;

IzEnzo 5:30

UNkulunkulu wawobaba wamvusa uJesu enambulala nina ngokumphanyeka emthini;

U-Ezra 7:27

Makabongwe uJehova uNkulunkulu wawobaba obeke enhliziyweni yenkosi ukuhlobisa indlu kaJehova eseJerusalema,

UDuteronomi 26:7

sase sikhala kuJehova uNkulunkulu wawobaba , uJehova walizwa izwi lethu, wabona ukuhlupheka kwethu , nomshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu;

UJeremiya 3:24

UBosheti uqedile umshikashika wawobaba kwasebusheni bethu , izimvu zabo, nezinkomo zabo, namadodana abo, namadodakazi abo.