Skip to Content

"wayala"

41 occurrences in ZUL

1 iziKronike 22:17

UDavide wayala zonke izikhulu zakwa-Israyeli ukusiza uSolomoni, wathi:

1 iziKronike 22:2

UDavide wayala ukuba babuthe bonke abafokazi ababe sezweni lakwa - Israyeli, wabeka abakhi ukubaza amatshe axhoziweyo ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu.

2 AmaKhosi 11:15

UJehoyada, umpristi, wayala izinduna zamakhulu ezazibekwe phezu kwempi, wathi kuzo : Mkhipheni endlini , nimngenise phakathi kwezinhla ; omlandelayo nimbulale ngenkemba ; ngokuba umpristi wathi : Makangabulawa endlini kaJehova.

2 iziKronike 29:27

UHezekiya wayala ukunikela ngomnikelo wokushiswa e-altare. Ngesikhathi sokuqala kom nikelo wokushiswa kwaqala nesihlabelelo sikaJehova , namacilongo, kanye nezinto zokubethwa zikaDavide inkosi yakwa-Israyeli.

2 iziKronike 32:12

Yena lowo Hezekiya akasusanga yini izindawo eziphakemeyo nama -altare akhe, wayala uJuda neJerusalema, wathi: Niyakukhuleka phambi kwe-altare linye, nishise impepho, na?

2 uSamuweli 13:28

U-Abisalomu wayala izinceku zak he ngokuthi: Bhekani, lapho inhliziyo ka- Amnoni ithokoza ngewayini nalapho ngithi kini : Bulalani u -Amnoni, nimbulale ningesabi ; angithi mina nginiyalile na ? Yimani isibindi , nibe ngamaqhawe.

2 uSamuweli 17:23

Lapho u -Ahithofeli ebona ukuthi isiluleko sakhe asilandelwanga , wayibophela imbongolo yakhe, wasuka, waya ekhaya emzini wakhe , wayala ngendlu yakhe, waziphanyeka, wafa, wembelwa ethuneni likayise. UDavide useMahanayimi

AmaHubo 78:23

Nokho wayala amafu phezulu, wavula iminyango yezulu,

IzEnzo 12:19

UHerode esemfunile engamfumananga , wabuzisisa abalindi, wayala ukuba babulawe. Wayesehla eJudiya, waya eKesariya, wahlala khona. Ukufa kukaHerode

IzEnzo 23:2

Kepha umpristi omkhulu u -Ananiya wayala ababemi khona ukuba bamshaye umlomo.

IzEnzo 23:35

wathi: Ngiyakuyizwa kahle indaba yakho, nxa sebefikile abakumangalelayo. Wayala ukuba alondwe enqabeni kaHerode.

IzEnzo 24:23

wayala induna yekhulu ukuba agcinwe , kepha abe nenkululeko , kunganqatshelwa muntu wakubo ukumkhonza. UPawulu ushumayela kuFeliksi ngoKristu

IzEnzo 25:23

Khona ngangomuso kwafika o -Agripha noBernike ngemvunulo enkulu , bangena endlini yamacala kanye nezinduna zenkulungwane nezikhulu zomuzi; uFestu wayala ukuba uPawulu alethwe.

IzEnzo 25:6

Kwathi esehlale nabo izinsuku ezingaphezu kweziyisishiyagalombili nokuba eziyishumi, wehlela eKesariya ; ngangomuso wahlala esihlalweni sokwahlulela, wayala ukuba uPawulu alethwe.

IzEnzo 5:34

Kwase kusukuma omunye emphakathini , umFarisi ogama lakhe linguGamaliyeli, isazimthetho esitusekayo esizweni sonke , wayala ukuba abantu bakhishwe isikhashana;

IzEnzo 8:38

Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza.

NgokukaLuka 18:40

Wema-ke uJesu, wayala ukuba ilethwe kuye. Isisondele, wayibuza wathi:

NgokukaLuka 8:55

Wabuyela umoya wayo, yavuka khona lapho; wayala ukuba inikwe ukudla.

NgokukaMarku 13:34

Kunjengomuntu owahambela kwelinye izwe ; washiya indlu yakhe , wanika izinceku zakhe amandla , yileyo naleyo wayinika umsebenzi wayo , wayala umlindisango ukuba alinde.

NgokukaMarku 8:6

Wayala isixuku ukuba sihlale phansi; wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi bakhe ukuba bababele ; basabela isixuku.

NgokukaMathewu 15:35

Wayala isixuku ukuba sihlale phansi;

NgokukaMathewu 27:58

lo waya kuPilatu , wacela isidumbu sikaJesu . Khona uPilatu wayala ukuba anikwe sona.

NgokukaMathewu 8:18

Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile , wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya.

U-Eksodusi 5:6

Ngalona lolo suku uFaro wayala abaphathi babantu nezinduna zabo, wathi:

U-Esteri 4:10

Wayesethi u-Esteri kuHathaki, wayala ukuba kuthiwe kuMoridekayi:

UDuteronomi 27:11

UMose wayala abantu ngalona lolo suku, wathi:

UGenesise 12:20

UFaro wayala amadoda ngaye ; ammukisa kanye nomkakhe nakho konke anakho.

UGenesise 26:11

U-Abimeleki wayala bonke abantu , wathi: Othinta lo muntu nomkakhe uzakubulawa nokubulawa. Amandla ka-Isaka nokuphikisana ngemithombo

UGenesise 32:19

Wayala nowesibili , nowesithathu, nabo bonke ababelandela amaqembu , wathi: Niyakusho njalo ku-Esawu, lapho nimfumana.

UGenesise 44:1

Wayala inceku yendlu yakhe , wathi: Gcwalisa amasaka alawa madoda ngokudla okulingene namandla abo okuthwala , ufake imali yalowo nalowo emlonyeni wesaka lakhe.

UGenesise 50:16

Base bethumela kuJosefa, bethi: Uyihlo wayala engakafi, wathi:

UGenesise 50:2

UJosefa wayala izinceku zakhe izinyanga ukuba zimgqumise uyise ngemithi; izinyanga zamgqumisa-ke u-Israyeli ngemithi.

UJoshuwa 10:27

Kwathi ngesikhathi sokushona kwe langa uJoshuwa wayala , bawehlisa emithini, bawaphonsa emhumeni lapho ebecashe khona , babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume; akhona nanamuhla. Ukunqotshwa kwemizi ngaseningizimu yaseKhanani

UJoshuwa 18:8

Amadoda ayesesuka, ahamba; uJoshuwa wayala abahambayo ukuba balobe izwe, wathi: Sukani nihambe ezweni , nililobe, nibuyele kimi , nginenzele inkatho phambi kukaJehova eShilo.

UJoshuwa 21:2

bakhuluma kubo eShilo ezweni laseKhanani , bathi: UJehova wayala ngesandla sikaMose ukuba siphiwe imizi ukuhlala kuyo kanye namadlelo ayo, abe ngawezinkomo zethu.

UJoshuwa 4:17

UJoshuwa wayala-ke abapristi, wathi: Yenyukani eJordani.

UJoshuwa 6:10

UJoshuwa wayala abantu, wathi: Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu , kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: Khamulukani! Bese nikhamuluka.

UJoshuwa 8:31

njengalokho uMose inceku kaJehova wayala abantwana bakwa -Israyeli, njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose , i-altare lamatshe angabaziwe, angaphakanyiselwanga muntu insimbi ; banikela phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa kuJehova, banikela ngeminikelo yokuthula.

UJoshuwa 9:24

Bamphendula uJoshuwa , bathi: Kungokuba izinceku zakho zatshelwa nokutshelwa ukuthi uJehova uNkulunkulu wa kho wayala inceku yakhe uMose ukuba aninike izwe lonke , achithe bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu; ngalokho sesaba kakhulu ngokuphila kwethu ngenxa yenu , sakwenza lokho.

UNumeri 34:13

UMose wayala abantwana b akwa-Israyeli, wathi: Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayale ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,

URuthe 2:15

Esesukile ekukhothozeni uBowazi wayala abafana bakhe , wathi: Makakhothoze nasezithungwini, ningamkhathazi.