Skip to Content

"wayesefika"

23 occurrences in ZUL

1 AmaKhosi 2:13

Wayesefika u-Adoniya indodana kaHagiti kuBati Sheba unina kaSolomoni . Wathi: Uze nokuthula na? Wathi yena: Yebo, ngize nokuthula.

1 iziKronike 21:11

UGadi wayesefika kuDavide, wathi kuye: UJehova usho kanje, uthi:

2 AmaKhosi 17:28

Wayesefika omunye wabapristi ababebathumbile eSamariya, wahlala eBethele, wabafundisa ukumesaba uJehova.

2 AmaKhosi 20:14

Wayesefika u -Isaya umprofethi enkosini uHezekiya , wathi kuye : Batheni labo bantu ; beze kuwe bevelaphi na ? Wathi uHezekiya: Bavela ezweni elikude eBabele.

2 AmaKhosi 4:37

Wayesefika, wawa ngasezinyaweni zakhe, wakhothama phansi; wayithatha indodana yakhe, waphuma. Ukufa kwasekhanzini

2 AmaKhosi 5:9

Wayesefika uNahamani namahhashi akhe nezinqola zakhe , wema ngasemnyango wendlu ka-Elisha.

2 AmaKhosi 8:7

Wayesefika u-Elisha eDamaseku; uBeni Hadadi inkosi yase-Aramu wayegula; watshelwa ukuthi: Umuntu kaNkulunkulu ufikile lapha.

2 iziKronike 12:5

Wayesefika uShemaya umprofethi kuRehobowamu nasezikhulwini zakwaJuda ezazibuthene eJerusalema ngenxa kaShishaki , wathi kubo: Usho kanje uJehova, uthi: Nina ningishiyile; ngalokho nami nginishiyile esandleni sikaShishaki.

2 iziKronike 28:20

Wayesefika kuye uThiligati Philineseri inkosi yase -Asiriya, wamhlupha, akamqinisanga.

2 uSamuweli 17:24

UDavide wayesefika eMahanayimi . U-Abisalomu waliwela iJordani , yena nabo bonke abantu bakwa-Israyeli kanye naye.

2 uSamuweli 18:31

Bheka, wayesefika umKushe; umKushe wathi: Ngumbiko, nkosi yami, nkosi, ngokuba uJehova ukuphindisele namuhla kubo bonke abakuvukelayo.

2 uSamuweli 24:13

UGadi wayesefika kuDavide , wamtshela, wathi kuye : Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na ? Manje cabanga , ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.

2 uSamuweli 3:20

Wayesefika u-Abineri kuDavide eHebroni nabantu abangamashumi amabili bekanye naye. UDavide wamenzela u-Abineri nabantu ababe naye idili.

AbAhluleli 19:26

Owesifazane wayesefika ngovivi lokusa , wawa ngasemnyango wendlu yomuntu, lapho yayikhona inkosi yakhe, kwaze kwakhanya.

AbAhluleli 8:15

Wayesefika kubantu baseSukoti , wathi: Bhekani oZeba noSalimuna enangiswabulela ngabo , nathi: Izandla zikaZeba noSalimuna sezisesandleni sakho ukuba siphe amadoda akho ayethileyo isinkwa na?

AmaHubo 105:23

U-Israyeli wayesefika eGibithe, uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.

NgokukaJohane 19:38

Emva kwalokho uJosefa wase -Arimatheya, engumfundi kaJesu kepha ekufihla ngokwesaba abaJuda , wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wavuma-ke. Wayesefika, wasisusa isidumbu sikaJesu.

NgokukaMarku 3:20

Wayesefika ekhaya; isixuku sabuthana futhi, ababe besaba nathuba lokudla nasinkwa.

U-Ezra 5:16

Wayesefika lowo Sheshebasari , wabeka izisekelo zendlu kaNkulunkulu eseJerusalema; kusukela kuleso sikhathi kuze kube manje isakhiwa njalo , kayikapheli.

U-Isaya 39:3

Wayesefika u -Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya , wathi kuye : Batheni labo bantu ; beze kuwe bevelaphi na ? Wathi uHezekiya: Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi.

UJeremiya 32:8

Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: Ake uyithenge insimu yami ese -Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho , nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona. Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.

UJoshuwa 11:7

Wayesefika uJoshuwa nabo bonke abantu bempi benaye , babazuma ngasemanzini aseMerome, babadumela.

UNumeri 23:17

Wayesefika kuye ; bheka, wayemi ngasemnikelweni wakhe wokushiswa , izikhulu zakwaMowabi zinaye . UBalaki wathi kuye : UJehova ukhulume ngokuthini na?