Skip to Content

"wazisola"

7 occurrences in ZUL

1 iziKronike 21:15

UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha ; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka , wazisola ngalobo bubi , wathi engelosini echithayo: Sekwanele; buyisa isandla sakho . Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi.

1 uSamuweli 15:35

USamuweli akaphindanga ukumbona uSawule waze wafa , kepha uSamuweli wamkhalela uSawule ; uJehova wazisola ukuthi wayembekile uSawule inkosi phezu kuka-Israyeli.

2 uSamuweli 24:16

Lapho ingelosi yelula isandla sayo kulo iJerusalema ukulichitha , uJehova wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini eyachitha abantu: Sekwanele; buyisa isandla sakho. Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.

NgokukaMathewu 27:3

Khona uJu da owamkhaphelayo , ebona ukuthi ulahliwe , wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi namalunga,

U-Amose 7:3

UJehova wazisola ngalokhu. Akuyikubakho, usho uJehova. Umbono ngomlilo eqedayo

U-Amose 7:6

UJehova wazisola ngalokhu. Akuyikubakho, isho iNkosi uJehova. Umbono ngentambo yomthofu

UJona 3:10

Lapho uNkulunkulu esebona izenzo zabo ukuthi babuya endleleni yabo embi, uNkulunkulu wazisola ngokubi owayeshilo ukuthi uyakukwenza kubo , akakwenzanga.