Skip to Content

"wegolide"

15 occurrences in ZUL

AmaHubo 21:3

Ngokuba wayihlangabeza ngezibusiso zokuhle ; wafaka umqhele wegolide elihle ekhanda layo.

IsAmbulo 14:14

Ngase ngibona; bheka, nanto ifu elimhlophe, naphezu kwefu kuhlezi ofana nendodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe nasesandleni sakhe enesikela elibukhali.

U-Eksodusi 25:36

Amasumpa alo namagatsha alo ayakuba kunye nalo , kube kunye konke okwalo, kube ngokomsebenzi okhandiweyo wegolide elicwengekileyo.

U-Eksodusi 28:22

Wenze kuso isihlangu sesifuba amaketanga njengamagoda , umsebenzi othandelweyo wegolide elicwengekileyo.

U-Eksodusi 28:36

Uyakwenza ungcwecwe wegolide elicwengekileyo , uqophe kuye njengokuqoshwa kwendandatho ukuthi: Wahlukaniselwe uJehova .

U-Eksodusi 35:22

Beza abesilisa nabesifazane, bonke abaqhutshwa yizinhliziyo zabo , baletha iziqhobosho namacici nezindandatho namasongo, izinto zonke zegolide , bonke ababenokunikela ngomnikelo wegolide kuJehova.

U-Eksodusi 37:22

Amasumpa alo namagatsha alo ayekunye nalo ; konke okwalo kwakungumsebenzi munye okhandiweyo wegolide elicwengekileyo.

U-Eksodusi 39:15

Benza esihlangwini sesifuba amaketanga njengamagoda , umsebenzi othandelweyo wegolide elicwengekileyo.

U-Esteri 8:15

Wayesephuma uMoridekayi ebusweni benkosi embethe isambatho sobukhosi esiluhlaza nesimhlophe , enomqhele omkhulu wegolide nengubo yelineni elicolekileyo nebubende; umuzi waseShushani wajabula, wathokoza.

UDaniyeli 5:16

Kepha ngizwe ngawe ukuthi ungaveza izincazelo , uthukulule amafindo ; manje-ke uma ungafunda lo mbhalo , ungazise incazelo yawo , uyakwembathiswa okububende , ube nomgexo wegolide entanyeni yakho , ubuse ube ngowesithathu embusweni.

UDaniyeli 5:29

Khona uBelishasari wayaleza , bamembathisa u Daniyeli okububende , bafaka umgexo wegolide entanyeni yakhe , benza isimemezelo ngaye ukuthi ubeyakubusa engowesithathu embusweni.

UDaniyeli 5:7

Inkosi yamemeza ngamandla ukuba kulethwe abathwebulayo , namaKaledi, nabahlola imihlola . Yayisikhuluma inkosi , yathi kwabahlakaniphileyo baseBabele: Ongafunda lo mbhalo , angitshele incazelo yawo uyakwembathiswa okububende , abe nomgexo wegolide entanyeni yakhe , abuse engowesithathu embusweni.

UGenesise 41:42

UFaro wayesekhumula indandatho yakhe esandleni sakhe , wayifaka esandleni sikaJosefa, wamembathisa izingubo zelineni elicolekileyo , wafaka umnaka wegolide entanyeni yakhe.

ULevitikusi 8:9

Wafaka isigqoko ekhanda lakhe , nasesigqokweni ngaphambili wafaka ungcwecwe wegolide , umqhele ongcwele , njengalokho uJehova emyalile uMose.

UNumeri 8:4

Nanku umsebenzi wothi lwezibani , umsebenzi wegolide elikhandiweyo : kuze kube sesinqeni salo nasezimbalini zalo kwakungumsebenzi okhandiweyo; njengesifanekiso uJehova asibonise uMose , wenze njalo uthi lwezibani. Ukumiswa kwamaLevi